
Linda Ximba
Iqembu laseNingizimu Afrika libhekane nobunzima obukhulu ngaphambi kwe-International Boxing Association (i-IBA) kwi-Women’s World Boxing Championships eqale ngoMsombuluko e-Istanbul e-Turkey.
Ukaputeni wabo uPhilile Ndelu waKwaZulu-Natal angeke akwazi ukubamba iqhaza ngoba kunento ethi akanazo izimpi ezidingekayo ukuze angenele lo mqhudelwano.
U-Asanda Ndlebe wase-Eastern Cape uhlolwe ukuthi une-Covid-19 okuholele ekutheni angakwazi ukuphma eNingizimu Afrika nabanye abashayisibhakela abayisishiyagalombili.
UMengameli we-SA National Boxing Organisation uSiyabulela Mkwalo uziqinisekisile lezi zindaba ekhempini kwi-Scrolla.Africa ngoMsombuluko ekuseni.
“Ukungakwazi kukaPhilile ukubamba iqhaza nokutholwa kuka-Asanda ukuthi une-Covid kuyingozi enkulu kithina ngoba sithembe bona. Benze kahle kweyokuhlunga kubuhlungu ukubona yonke imizamo yabo ishabalala kanje,” kusho uMkwalo obedangele.
Uthe ngeke bafake ingcindezi kubashayisibhakela ukuthi balethe izindondo eziningi ekhaya ngoba sekuphele iminyaka emine bagcina ukubamba iqhaza emiqhudelwaneni emikhulu. Laba bashayisibhakela basanda kubuya kwi-African Boxing Confederation Zone 4 Elite Boxing Championships ebise-Mozambique lapho bebuye nezindondo zegolide eziyisithupha ezinhlanu zesiliva nezethusi ezine.
Kunethemba lokuthi isipiliyoni abasithole e-Maputo sizobabeka ethubeni elihle uma sebebhekene nezimbangi zabo.
Abashayisibhakela abangu-310 abamele imifelandawonye yezizwe ezingu-73 bazongena emikhakheni engu-12 yesisindo. Lo mqhudelwano obanjwa kabili ngonyaka uzophela ngomhlaka-20 kuNhlaba.
Abenze kahle bazomela amazwe abo emidlalweni ezayo ye-Birmingham Commonwealth Games ngoNtulikazi.
Abashayisibhakela abakha ithimba laseNingizimu afrika nguVuyolwethu Dila ophethe u-46kg, uLerato Mathiba ono-50kg, u-Asanda Ndlebe ono-52kg, uZakhona Mayoli ono-63kg, uGraine Dicks ono-75kg, uLethukuthyla Sibisi ono-54kg, uSiphosethu Daweti ono-60kg kanye noMateko Sithole ono-61kg.