Abashayisibhakela bakuleli sebekulungele ukuya-England

Linda Ximba

Abashayisibhakela abathathu abazomela elakuleli kuma-Commonwealth Games bazoba nekhempu e-England ngoLwesine.

U-Amzole Dyeyi noSimnikile Bongco base-Eastern Cape noPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni ozinze KwaZulu-Natal okunguyena yedwa umshayisibhakela wesifazane baqale ikhempu encane e-Gauteng ngaphambi kokubhekisa amabombo e-Europe.

Laba bobathathu bakhethwe ngemuva kokudlala okumangalisayo emiqhudelwaneni yakamuva.

UDyeyi noBongco bathole izindondo zegolide emqhudelwaneni we-African Boxing Confederation Zone 4 Elite Boxing Championships obuse-Mozambique ngoNdasa.

UMnguni wenze kahle kwi-International Boxing Association (IBA) Women’s World Boxing Championships ebise-Turkey ngoMbasa.

Umqeqeshi uNathi Hlatshwayo ozosizwa nguMoonyen Britz utshele i-Scrolla.Africa ukuthi babonga kakhulu kwi-South African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) ngokuhlela ikhempu ese-England.

“Sithanda ukubonga i-South African National Boxing Organisation (i-Sanabo) ne-Sascoc ngokuqhamuka nalolu hlelo. 

Ukuya e-England kusenesikhathi kuzosisiza ukuthi sijwayelane nesimo sezulu. Kuze kube imanje ikhempu encane e-Gauteng ihambe kahle. Lezi zingane ziyayazi into eziyizele futhi bezilokhu ziphusha kanzima ekuziqeqesheni.

“Sikubheke ngabomvu ukumela izwe lethu ngesizotha sibhekene nezimbangi ezinamandla eziqhamuka emazweni abekwe phezulu kunathi,” kusho uHlatshwayo.

UMengameli we-Sanabo uSiyabulela Mkwalo naye ubonga i-Sascoc ngemizamo yabo. Uthe angeke babafakele ingcindezi abashayisibhakela ngokuwina izindondo zegolide ngoba sekunesikhathi bagcina ukungenela imiqhudelwano emikhulu.

Imidlalo ye-Commonwealth, ezoba se-Birmingham izoba phakathi komhlaka-28 kuNtulikazi kuya mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba.

Khonamanjalo i-KZN idle umhlanganiso kuma-SA Elite and Youth Games e-Gqeberha muva nje.

Abashayisibhakela abenze kahle basethubeni lokungena kwithimba lakuleli elizongena ku-Zone 5 Games e-Lesotho.

Izihloko zakamuva