Abashayisibhakela bakuleli nethemba lokuba sesigabeni somhlaba

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ompetha bakuleli besibhakela abahamba phambili bazilungiselela ukulwela udumo ku-International Boxing Amateur World Men’s Championships e-Uzbekistan.

Beholwa uSimnikwe Bongco onesibindi owawina indondo yethusi kuma-Commonwealth Games anyakenye, iqembu lakuleli lihlose ukuzifaka emazingeni omhlaba.

UBongco nethimba lakhe uSinovuyo Mthintelwa, u-Azononke Dyeyi kanye noJohn Masamba bazilolonge kanzima ngaphansi kobuholi bukaNathi Hlatshwayo noHans Britz e-Sochi, e-Russia ukulungiselela izimo ezinonya abazobhekana nazo e-Uzbekistan.

“Bonke abafana basesimweni esihle futhi sihlose ukuphakamisela ifulegi lakuleli phezulu,” kusho uBongco ezwakalisa ukuzethemba nokuzimisela.

Umqhudelwano we-Men’s Championships uzoqala ngomhlaka-30 kuMbasa uphele ngomhlaka-14 kuNhlaba. Ompetha bethu sebekulungele ukubhekana nomhlaba nokuthi balethe indondo ekhaya.

UBongco ohlonishwe ngendondo ye-Newcomer of The Year emcimbini wezindodo wezemidlalo wakulo nyaka uyiqhawe langempela lase-Eastern Cape. Uzilolonga ngaphansi kweso likaMzamo “Mphathi” Njekanye ohlonishwayo owake wacija inkakha ye-IBF u-Azinga “Golden Boy” Fuzile.

Esithombeni esingenhla: USimnikiwe Bongco

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva