Abashayisibhakela bakuleli benze ezibukwayo eMalawi

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ikusasa lesibhakela lakuleli liqhakazile uma impumelelo yakamuva yabashayisibhakela abancane ingaqhuba ngale ndlela.

Lokhu kushiwo uMengameli we-South African National Boxing Organisation uSiyabulela Mkwalo ngemuva kokuthi iqembu lakuleli liqoqe izindondo ezintathu zegolide, ezimbili zesiliva kanye nezimbili zethusi emdlalweni wesibhakela kwi-Region 5 Youth Games e-Lilongwe, e-Malawi ngempelasonto.

Bangu-209 sebebonke abashayisibhakela abebemele elakuleli kulo mqhudelwano.

USiseko Teyise, uVuyo Mnguni kanye noSotwili Asemahle bawine izindondo zegolide ngesikhathi uTshepo Makebele kanye nomshayisibhakela wesifazane uMtho Okuhle bethola ezesiliva.

Abathole izindondo zethusi ngabashayisibhakela besifazane uZandile Mathebula  noMaisy Seimane.

Sekukonke iqembu lakuleli libekwe endaweni yesibili. Leli qembu beliqeqeshwa uNathi Thusi, uLuyanda Dibela kanye noNoluvuyo Joxo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngesikhathi kuqhubeka i-Cadet and Junior National Championships eMlazi eThekwini, uMkwalo uthe bajabule ngempumelelo yabashayisibhakela abasebancane.

“Le miqhudelwano ibalulekile ekuthuthukiseni abashayisibhakela bethu. Abashayisibhakela abafana noPhiwokuhle Mnguni owadla ubhedu kuma-Commonwealth Games baqala kulo mqhudelwano base bedlulela esigabeni esiphezulu,” esho.

“Le mqhudelwano ibalulekile njengoba silungiselela imiqhudelwano emikhulu yamazwe ngamazwe njengama-Olympics ango-2024.”

Esithombeni esingenhla: Iqembu lakuleli e-Malawi kanye noMengameli we-SANABO uSiyabulela Mkwalo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva