Dylan Bettencourt
UDean Berta Vinales, obeneminyaka eyi-15 obedlala umdlalo wokushayela izithuthuthu ushone ngemuva kwengozi ethusayo kumjaho we-Supersport 300 race we-World Superbike Championship e-Jerez endaweni yase-Spain.
Ngemuva komjikelezo weshumi nanye kumjaho wangoMgqibelo lo mdlali ushayisane nabanye abathathu akade encitisana nabo.
I-World Superbike ibhale kwisitatimende bathi: “ngemuva kwengozi ethusayo ngesikhathi somjaho wokuqala we-WorldSSP300, uDean Berta Vinales ushone ngemuva kokulimala kakhulu. Lo mdlali ulimale kakhulu ekhanda kanye nokushayeka kabi kumgogodla. Imoto yosizo oluphuthumayo ifike kwisigameko ngokukhulu ukushesha futhi lo mdlali uphuthunyisiwe wafakwa kwi-ambulensi wayiswa esikhungeni sokwelashwa esiseduze.”
Yize isheshile imzamo yabasebenzi bosizo oluphuthumayo, kodwa lo mdlali unqotshwe izinhlungu nokulimala kakhulu, ngokuhamba kosuku batshelwa ukuthi umjaho angeke usaqhubeka.
Lo mdlali womdlalo wokushayela izithuthuthu osemncane kakhulu ungumzala kaMaverick Vinales odume kakhulu emdlalweni wamabhayisikili (i-MotoGP). I-MotoGP ibhale ku-Twitter ukuthi bashaqekile ngokushona kwalo mdlali osemncane obenekusasa eliqhakazile.
“Sidlulisa amazwi enduduzo nothando kanye namandla kuMaverik Vinales kanye nomndeni wakwaDean, iqembu kanye nabathandiweyo bakhe,” kubhalwe ku-Twitter.
Osewine amahlandla ayisithupha kwi-MotoGP, uMarc Marquez, uthumele amazwi enduduzo emndenini kaVinales, waphinde wabanika uthando nokubeseka kulesi sikhathi esinzima kangaka.
Umthombo wesithombe: @SkyNews