Abashayeli be-F1 bakhala ngezikhindi zabo zangaphansi

Dylan Bettencourt

Abashayeli be-Formula 1 neziphathimandla bahlukene phakathi mayelana nokuphepha kwezingubo zangaphansi abazisebenzisayo. 

Kuke kwaba nezingxoxo phambilini mayelana nezikhindi zangaphansi zabashayeli njengoba bebika ukuthi azibavikeli uma kugqamuka umlilo.

Bonke abashayeli abangu-20 bebebambe iqhaza engxoxweni ethathe amahora amabili nabaphathi be-Formula 1 emqhudelwaneni we-Australian Grand Prix mayelana nokuphepha kwezikhindi zabo zangaphansi ngokusho kwe-Daily Telegraph.

Abaphathi be-Formula 1 bakhathazekile ngokuthi izikhindi zangaphansi zabashayeli azinaso isivikelo esanele somlilo.

“Ngokwami engikuqondayo abashayeli ngoLwesihlanu e-Australia bachithe isikhathi esiningi bexoxa ngezikhindi zangaphansi,” kusho uKarun Chandhok owayengumshayeli we-F1 etshela i-Telegraph.

Ukukhathazeka okuvela kumqondisi omusha womjaho uNiels Wittich ongene esikhundleni sikaMichael Masi ongundabamlonyeni sekubonakalise ukuthi unesandla esiqinile kuMasi.

UWittich useke wazama ngisho nokuvimba abagijimi ukuthi bagqoke ubucwebe ngempelasonto yomjaho nokususe umsindo kuLewis Hamilton othe ngeke akwazi ukususa izimbobo zakhe eziningi.

UHamilton uyena umshayeli oqgobhoze ngendlela ebonakalayo. Ugcizelele ngokuthi yena uzoqhubeka nokufaka ubucwebe bakhe lapho egqobhoze khona.

Inhlangano eyengamele ezemidlalo i-FIA kuthiwa ikhathazekile nganoma iziphi izingubo uma abashayeli bezobandakanyeka engozini ezogqamuka amalangabi.

Umthetho wezemidlalo ubeka ukuthi abashayeli kumele bagqoke izikhindi zangaphansi eziphasisa imithetho yokuphepha emlilweni okuyinto eshawa indiva kakhulu.

“Kufanele ubuze ukuthi ngabe lokhu bekuyinzuzo yangempela yini? kungani bengavumelekile ukugqoka izikhindi zangaphansi abavame ukuzigqoka? Uma udaba lomlilo selifinyelele kulokhu kunezinto eziningi okufanele zicatshangwe,” kuchaza uChandhok. 

Abashayeli abaningana bazwakalise ukukhungatheka kwabo esithangamini sase-Australia kanti uHamilton wengeza ngokuthi le kube inkulumo yesithangami eside kunazo zonke aseke waya kuyo.

UPierre Gasly ubone uhlangothi oluhlekisayo wathi abaholi ababusayo ababheke izingubo zakhe zangaphansi ngaphambi kwawo wonke umjaho.

“Uma befuna ukubheka isikhindi sami sangaphansi ngikhululekile akukho engikufihlayo,” etshela izintatheli.

Umthombo wesithombe : @PlanetF1

Izihloko zakamuva