Abashayeli baseBrithani badle umhlanganiso koweFormula 1

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kungenzeka kube nezindawo ezimbili zokuthola izindondo esixukwini sase-Silverstone ukuze sigubhe kodwa uMax Verstappen ne-Red Bull bawuqhubekisela phambili umkhankaso wabo omangalisayo ngempelasonto ye-Formula 1 eqopha umlando.

Ngokokuqala ngqa kusukela ngo-1999 ukuthi abashayeli ababili baseBrithani bathole izindondo njengoba uLando Norris noLewis Hamilton bebe ngabokuqala ukwenza lokhu ngemuva kukaDavid Coulthard no-Eddie Irvine.

Izibalo zangempelasonto bekumele ziye kuMax kodwa-ke, uVerstappen ube umshayeli wesihlanu emlandweni ukuwina imijaho eyisithupha ilandelana.

Ukuwina kukamshayeli wase-Dutch kuphinde kwasiza irekhodi lwe-Red Bull le-McLaren lweminyaka engu-35 lokuwina amahlandla angu-11 kulandelana ngesikhathi bephuthuma lokho okungaba ngenye yamasizini e-F1 aphumelele kakhulu.

UNorris uye wahola zisuka nje elungiselela ukugijima okujabulisayo phakathi kwe-McLaren ne-Red Bull. UVerstappen usebenzise i-DRS ngempumelelo ukuze abuyele endaweni yokuqala emlenzeni wesihlanu futhi amehlo asheshe agxila kubashayeli baseBrithani ebebebanga indawo yesibili.

Abalandeli abangu-160,000 abrbekhona bebejabule kakhulu ngesikhathi uNorris eshiya umakadebona uHamilton ngemizuzwana emithathu nje kuphela. UBrit George Russell we-Mercedes uqede endaweni yesihlanu.

Ukuqeda phambili kukaNorris kube umsebenzi wakhe omuhle kakhulu futhi akakwazanga ukuzibamba ukuveza injabulo yakhe ngemuva komjaho.

“Kuyiphupho impela. Ngifuna nje ukubonga eqenjini lonke. Bangifakele amathayi aqinile. Angazi ukuthi kungani. Ngicabanga ukuthi basebasha kwezinye izinto. Kodwa ngifakele uMax ingcindezi ngakho konke ebenginakho,” esho.

KuHamilton bekuwukunweba irekhodi lakhe lokuthola indodo yesi-14  e-Silverstone futhi uncome abalandeli ngokushintsha kwakhe esuka endaweni yesikhombisa eya kweyesithathu kwigridi.

“Iqiniso ukuthi angizange ngikwenze. Ngabalandeli abakwenzile. Ngizwe amandla ngezwa ukwesekwa.

Yingakho sibuyele lapho,” esho.

“Ngithanda ukuhalalisela uLando noMcLaren kakhulu. Umndeni wami lowo, yilapho engaqala khona. Leyo moto ibishesha emakhoneni anesivinini esikhulu – angikwazanga ukuqhudelana nabo.”

Esithombeni esingenhla: ULando Norris noLewis Hamilton

Umthombo wesithombe: @MercedesAMGTR

Izihloko zakamuva