Abashayeli bamatekisi baseMnambithi basonqenqemeni lwempi nabashayeli bamabhasi

Celani Sikhakhane

Osomatekisi baseMnambithi kanye ne-Intercape Bus Company sebengene ezingxabanweni ezinkulu ngemuva kokuthi i-Intercape ithenge umzila we-Greyhound ekuqaleni konyaka.

Abanikazi bamatekisi baseMnambithi abathukuthele bafuna ukuthi i-Intercape imise ukusebenza kwayo kwemizila emide edolobheni.

Umbango usukhule waba nezimo ezibikwayo ngokusatshiswa. Njengoba le ngxabano isengozini yokudlulela kudlame, amaphoyisa aseqalile ukuphelezela amabhasi akwa-Intercape emizileni yawo.

UMseshi Mpungose we-Sizwe Taxi Association eMnambithi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi inkinga iqale ngesikhathi amabhasi akwa-Intercape eduna imizila yabo.

“Besisebenzisana kahle ne-Greyhound kanye ne-City to City ngoba bebelanda abagibeli e-Estcourt Ultra City nasoTugela Toll Plaza ku-N3,” kusho uMpungose.

“Kodwa izinkinga zeza ngokuvalwa kwe-Greyhound ngenkathi imizila yabo ithengwa yi-Intercape. Esikhundleni sokusebenzisa imizila ye-Greyhound, abakwa-Intercape bakhethe ukuduna imizila yethu basuka ku-N3 baya enkabeni yedolobha laseMnambithi ukuyolanda abagibeli”.

Uthe baba nomhlangano ne-Intercape ngoLwesibili olwedlule futhi yena nozakwabo babatshela ukuthi uma behluleka ukunamathela emzileni wabo kumele bakhohlwe nje ngokwenza ibhizinisi endaweni.

“Sithukuthele ngoba amaphoyisa achemile futhi aphelezela amabhasi,” kusho uMpungose.

“Sizibuze ukuthi yini ebaluleke kangaka nge-Intercape ngoba sake saba nodlame lwamatekisi olwaholela ekuchithekeni kwegazi lwabantu abangenacala kodwa awekho amaphoyisa ake athunyelwa ukuzophelezela amatekisi wethu”.

Iphendula uphenyo le-Scrolla.Africa, i-Intercape ithe baludlulisele lolu daba kuziphathimandla zendawo.

“Sizosebenzisana nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo ukuxazulula lolu daba. Sivunyelwe ngokomthetho ukusebenzisa lo mzila futhi sizoqhubeka nokuhlinzeka ngemisebenzi yethu kumakhasimende ethu athembekile,” kuphendula isitatimende.

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa e-KZN ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseqalile ukuphelezela amanye amabhasi emizileni yawo.

“Singakuqinisekisa ukuthi bekukhona ukungaboni ngaso linye eMnambithi ngomzila wamabanga amade. Kwabanjwa umhlangano nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngenhloso yokuxazulula lolu daba. Kunamacala okusabisa avulwa lapho okwakusatshiswa khona abashayeli. Kwavunyelwana phezu kwalokho ukuthi abashayeli kumele baphelezelwe ngalolo suku ukuphuma endaweni ngenxa yezinsongo,” kusho uMbhele.

Izihloko zakamuva