Abashayeli bamatekisi baphoqa ‘omalume’ eKapa bangabe besazithatha izingane ezineminyaka eyishumi nangaphezulu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Igatsha laseFish Hoek leCape Amalgamated Taxi Association (Cata) selibhalele abashayeli bamabhasi ezikole libatshela ukuthi kusukela ngomhlaka-1 kuMandulo ngeke bakwazi ukuthutha izingane ezineminyaka engaphezu kweyishumi ukuya esikoleni.

Abafundi asebekhulile kuzodingeka bagibele itekisi uma beya esikoleni.

Lokhu kuzosebenza ezinganeni ezisuka eMasiphumelele, eRedhill, eFish Hoek, eSimonstown, eNoordhoek, eKommetjie, eMitchell’s Plain, eWynberg, naseNyanga.

ULunga Sajini (45), ongumshayeli, uthe: “Incwadi ayifuni ukuthi sikhulume ngayo ivele yasho imiyalelo kanti kumele sikudingide lokhu ngoba kuthinta abantu abaningi.

“Lolu daba baluphathe ngenye indlela, futhi manje sisabela ukuphepha kwethu. Sithemba ukuthi iCata ingangenelela futhi ithole isisombululo esingcono ngoba sizama nje ukuziphilisa.”

Ekhuluma igama eligodlile, umzali waseFish Hoek akaqondi ukuthi kungani bephoqeleka ukuthi bahambise izingane zabo ezingaphezu kweminyaka eyishumi erenki yamatekisi. 

“Lokhu akuthinti abashayeli kuphela kodwa nabazali. Sithatha izingane zethu siziyise kulaba bashayeli abathutha izingane ngoba sifuna ukwazi ukuthi ziphephile into esingeke siyiqinisekise etekisini.” 

Umshayeli wetekisi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe incwadi imayelana nemali. 

“Sinazo izimvume zalo mzila, kodwa abashayeli bezikole abanayo. Sikhokhele izimvume, kodwa benza imali eningi kunathi. Kulula kufanele bathole izimvume njengoba senza,” kusho umshayeli wetekisi.

Okhulumela iCata, uNkululeko Sityebi, uthe le mpoqo ebhekiswe kwabaneminyaka eyishumi nangaphezulu ngeke isetshenziswe baze baqede uphenyo lwabo. 

“Le nto sibhekene nayo ngaphakathi, abashayeli banezizathu zabo, kodwa sikholwa ukuthi belungasingathwa kangcono udaba,” kusho uSityebi.

Esithombeni esingenhla: Igatsha laseCata eFish Hoek lithumele incwadi eyala abashayeli bezokuthutha abafundi ukuthi sebezothatha izingane ezineminyaka engaphansi kweyishumi kuphela esikoleni kusukela ngoMandulo.

Umthombo: Sithunyelwe.

Izihloko zakamuva