Abashayeli bamatekisi balimaze iphoyisa ebelizama ukubopha uzakwabo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kulimale amaphoyisa omgwaqo eKapa ngesikhathi exabana nosomatekisi ezigamekweni ezimbili ezahlukene kuleli sonto.

Ingxabano yokuqala yenzeke ngoMsombuluko e-Hout Bay ngesikhathi iqulu lamadoda lishaya amaphoyisa amabili ngesikhathi behlawulisa itekisi ebelivimbe ukuhamba kwezimoto.

Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha nokuvikeleka kulo masipala u-JP Smith, uthe impi yesibili yenzeke ngoLwesibili ntambama e-Milnerton nokuyinto eholele ekuboshweni kwabasolwa ababili. Amaphoyisa omgwaqo amane aphuthunyiswe esibhedlela i-N1 City ukuze athole ukwelashwa ngemuva kwesigameko.

“Amaphoyisa amabili ebeqhuba uphenyo kule ndawo ngesikhathi ebona imoto yohlobo lwe-Toyota Quantum egcwele ngokweqile ngemuva kwehora lesihlanu ntambama,” kusho uSmith. 

“Umshayeli unqabile ukuma kanti ngemuva kokuyijaha isikhashana uye wamiswa kodwa ngokushesha waqala ukuhlasela amaphoyisa wanqaba nokuboshwa.”

Kube sekuma itekisi yesibili, nomshayeli naye wangenelela wahlasela amaphoyisa.

“Amaphoyisa akwazile ukucela usizo, ngoba isixuku besesigcwele siqala ukuwasabisa. Kufike abanye ozakwabo ababili, bakwazi ukubopha abasolwa ababili yize bekukhona umbhikisho,” kusho uSmith.

Abasolwa baboshwe e-SAPS e-Milnerton ngamacala ahlanganisa ukushayela budedengu, ukushaya iphoyisa, ukunqaba ukuboshwa, ukucekela phansi impahla yomkhandlu, nokungalandeli imiyalelo esemthethweni.

“Siyakugxeka lokhu kuhlaselwa kwabasebenzi bethu futhi ngicela abezobulungiswa ukuthi babhekane ngokushesha nalaba basolwa,” kwengeza uSmith.

Isakhamuzi esigodle igama laso sithe: “Sengiqala ukukholwa labo abebethi abashayeli bamatekisi bathanda ukwenza izinto zibe nzima ngenhloso ngoba bayazi ukuthi ukulayisha ngokweqile akuvumelekile… kuhlezi kuyibona abalwayo.”

Esithombeni esingenhla: Isithombe-skrini sevidiyo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva