Abashayeli bamaloli bavale umgwaqo omkhulu u-N3 ngoba befuna ukuhlangana noMbalula

Kabelo Tlhabanelo

Babalelwa kwabangama-50 abashayeli bamaloli abavale umgwaqo kazwelonke u-N3 eduze nase-Harrismith e-Free State, befuna ukuhlangana noNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula.

Omunye wabashayeli uthe baqale ukuvala umgwaqo omkhulu oya e-Harrismith ngehora lesithathu ekuseni.

Isikhalo sabo esikhulu ukuthi baningi abashayeli bamaloli abaqhamuka kwamanye amazwe abaqashwayo ekubeni abashayeli baseNingizimu Afrika benganakwa.

“Izwe lethu libeka abokufika phambili kunabantu balo. Umzali onjani obeka izingane zikamakhelwane phambili kunezakhe?” Kusho umshayeli.

Uthe amaloli amaningi acekelwe phansi ngomlilo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngenkathi abashayeli bebhikishela inkinga efanayo, kodwa akukho okushintshile.

“Kungahle kusize uma singahlangana noNgqongqoshe. Mhlawumbe uzoqhamuka nesixazululo esingcono,” kusho umshayeli.

Omunye umshayeli utshele i-Scroll.Africa ukuthi: “Sinabokufika abangaphezu kwabayi-1,000 abaqashiwe eNingizimu Afrika. Lokho kungenxa yokuthi izinkampani zamaloli zithanda abasebenzi abashibhile. Zibakhokhela imali eyizi-R6 000 ngaphandle kwemihlomulo”.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele ukuqinisekisile ukuvalwa komgwaqo.

“Iqeqebana labashayeli bamaloli bapake amaloli abo ku-N3 ngase-Montrose, bavala umgwaqo”.

Uthe kuze kube manje umbhikisho unokuthula njengoba abashayeli bezimele nje.

“Azikho izenzo zodlame ezibikiwe,” esho.

Lena indaba eqhubekayo.

Izihloko zakamuva