Abashayeli abaphuzile bakhanda umonakalo emigwaqeni yase Ningizimu Afrika

Cishe sekuyiviki manje utshwala buvunyelwe ukuthi budayiswe njengoba bebuvaliwe ngomvalelo, kanti uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele akasafisi lutho ngabashayeli abashayela  bephuzile.

Abanye abashayeli bezimoto abayi-840 kanye namaphoyisa amabili batholakale bephuzile futhi beshayela izimoto eGoli ngempelasonto.

Amaphoyisa amathathu omgwaqo e-metro ase-Tshwane ashone engozini yemoto ebandakanya umshayeli obeshayela ephuze utshwala.

“Izimpilo zalamaphoyisa amancane zinqanyulwe zamfushane yindoda ekhethe ukuziphatha budedengu,” kusho uCele.

UNgqongqoshe wamaphoyisa uthe ukuphuza ngokweqile utshwala namanje kuyimbangela yamacala amaningi kubandakanya ukubulala kanye nokudlwengula.

Izihloko zakamuva