Abashayeli abangamaqhawe ababalekele ukufa banconywe ezinkundleni zokuxhumana

Kamogelo Muvhenzhe

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bancome umshayeli weveni ye-courier kanye nozakwabo abavike izinhlamvu njengamaqhawe.

Esiqeshini sevidiyo esithwetshulwe yi-dash cam, onogada ababili babonakala bekhonjwa ngezibhamu yizigebengu ngesikhathi beshayela emgwaqeni onguthelawayeka ePitoli ngesonto eledlule.

Njengoba izinhlamvu bezindiza nemoto ishayiswa amahlandla amaningi, umshayeli ubelokhu ezothile ngaso sonke iskhathi.

Kule vidiyo, umshayeli kanye nozakwabo bebeshayela bethule ngesikhathi ebona into engajwayelekile esibukweni sokubuka ngemuva.

Ngaphambi kokuthi bebone ukuthi kwenzakalani, kube sekudutshulwa amawindi abo okuvikela izinhlamvu kodwa umshayeli akazange ayingene eyokuma.

Uqhubekile nokushayela futhi wayala lowo asebenza naye ukuba abize omunye uzakwabo.

Ikhono lakhe walithola ngenkathi esayilungu le-SAPS Special Task Force.

Ngokusho kwabo, imoto i-Land Cruiser ibephethe omakhalekhukhwini, okuyizinto ebezihlosiwe njengoba bekuzanywa ukuthi kube ne-heist.

Akekho unogada olimalile futhi abekho omakhalekhukhwini abebiwe.

NgoNdasa, iqembu labasolwa abebehlomile lahlasela iveni ye-courier le-DSTV ngaphandle kwamahhovisi amakhulu akwa-MTN eGoli. Iqembu lezigelekeqe lavulela ngenhlamvu emotweni ebiphelezelwa, kwalimala onogada abathathu.

Iqembu lezigelekeqe labaleka namabhokisi nama-handsets.

Umbukeli othile ubhale ku-Twitter wathi: “Uma ngizodutshulwa nge-AK kufuneka ngibe se-Afghanistan noma kwenye indawo engikhokhelwa kuyo nge-USD.”

Omunye ubhale wathi, “Unesibindi, kanti futhi wenze kahle! Nginamahloni kakhulu ukuthi eNingizimu Afrika nina kufanele nibekezelele lolu hlobo lobugebengu! UNkulunkulu abe nani njengoba nenza umsebenzi wenu wansuku zonke, ngiyabonga bafo ngesibindi senu.”

Ividiyo: Twitter

Izihloko zakamuva