Abashana bakaZuma bayakuphika ukweseka ababhikishi abecekela phansi izwe

Lungani Zungu

Abaphathi bamatekisi bakwaGcaba, abaziwa njengabashana bakaJacob Zuma, bafuna ukuziqhelelanisa nababhikishi nezigebengu ezicekela phansi iNingizimu Afrika egameni likamalume wabo.

“Asisoze sasekela noma yiziphi izinsongo zodlame ezweni lethu noma kwenye indawo. Sixwayisa abantu abasebenzisa amagama ethu ukuqhuba imibhikisho ukuba bayeke,” kusho uMandla Gcaba etshela i-Scrolla.Africa.

Ubekhuluma ebhekise kwisiqeshana esiqoshiwe esesisabalale ku-WhatsApp lapho kuzwakala khona owesifazane ongaziwa ethi abakwaGcaba bazohlinzeka ngezokuthutha kubantu abafuna ukumisa ukusebenza kwezwe.

UGcaba uziphikile izinsolo wathi angeke bahlinzeke ngamatekisi abo.

“Lokhu kuyimbudane, futhi thina asiyona ingxenye yetulo lokucekela phansi izwe lethu,” esho.

IGcaba brothers njengoba baziwa kanjalo, banenqwaba yamatekisi namabhasi eKZN, eGauteng naseKapa.

“Uma kunesidingo, sizotshela bonke abashayeli bethu abavela ezindaweni ezihlukene esisebenza kuzo ukuthi bapake amatekisi ethu ukuze abantu babone ukuthi akukho lutho olusihlanganisa nanoma yiluphi uhlobo lobugebengu.”

E-KZN nase-Gauteng, abahlali bebelokhu beqoqa udoti odalwe imibhikisho inodlame nezidubedube ngemuva kokuboshwa kukaZuma.

UThulisile Mncwango waseMlazi ubephakathi kwabantu abebengcolise izandla ngoMgqibelo behlanza uMlazi Mega City.

“Leli yizwe lethu, futhi yithi kuphela abantu esingalenza lisebenze futhi ngemuva kwezidubedube zobuhlanga ngesonto eledlule.”

Ubuye wathi: “Ngeke sivumele noma yiluphi udlame ukuthi lwenzeke ezweni lethu futhi liqhubekele phambili.”

U-Ian Campbell wase-Bluff ujoyine iqembu ebelikhuculula eMobeni, lapho okwacekelwa khona phansi kwagqekezwa nemboni i-Tastic Rice.

“Ngiyawuthanda umoya engiwubona kubantu abafike lapha bezokhuculula le ndawo. Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ngokuba yingxenye yabantu abakha kabusha izwe lethu.”

Amazwi okuvalelisa kaCampbell athi: “Sizovuka kulomlotha siyisizwe esinamandla.”

Amaphoyisa abophe inqwaba yabaphangi, kanti ezinye izigebengu kulindeleke ukuthi zibanjwe bese zibhekana nengalo yomthetho ngokuba yingxenye yalolu dlame nokuphanga ngesonto eledlule.

Izihloko zakamuva