AbaseZimbabwe embhikishweni wokunyuka kwemali yokwenza amaphasipothi 

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Abantu base-Zimbabwe bamashele ehhovisi lenxusa labo ePitoli ngoLwesibili ukuyokhalaza ngokukhuphuka kwemali yokwenza amaphasiphothi abo.

Imali yokwenza amaphasiphothi inyuke isuka ku-R2,195 yafinyelela ku-R4,573.

Abase-Zimbabwe abahlala kuleli bangaphansi kwengcindezi njengoba ukwelulwa kwakamuva kwezicelo zabo zama-visa okubavumela ukuthi bahlale baphinde basebenze kuleli, kuzophela ngomhlaka-31 kuZibandlela.

Abantu base-Zimbabwe ababalelwa ku-25 bathule imemorandamu ehhovisi lenxusa labo bekhala ngalokhu kunyuka kwale mali, baphakamisa nokuthi uMengameli wase-Zimbabwe u-Emmerson Mnangagwa ehle esikhundleni.

USimphiwe Ndlovu, oyisakhamuzi sakuleli osekela abebemasha uthe uhlala nabanye abase-Zimbabwe kanti abaningi babo bangabangani bakhe.

Uthe bamtshele ukuthi ngeke bakwazi ukuba nayo imali enyusiwe yokwenza amaphasiphothi.

“Kubi lokhu ngoba uma befika kuleli bengenazo izincwadi ezifanele njengamaphasiphothi, kuba nzima ukuthi bathole imisebenzi,” kusho uNdlovu.

UTapshinda Mugore, okhulumela inhlangano ye-Citizens of Zimbabwe kuleli, ubengenelisekile ngenani labantu abebemasha.

“Ngidumele kakhulu ngesibalo sabafowethu base-Zimbabwe abakhona namuhla.”

“Abangaphumelelanga namuhla kumele bakuqonde ukuthi izibalo ziletha isithunzi ezindabeni ezifana nalezi.

“Izwi lethu kumele lizwakale, kumele beze ngobuningi babo njengenkomba yokuthi abaneme ngalokhu okwenziwa kubona,” kusho uMugore.

UKagiso Nakuba, oyilungu le-EFF e-Sedibeng, uthe iqembu liyabeseka abantu base-Zimbabwe njengoba izwe labo lingumakhelwane wakuleli.

“Ngesikhathi abantu bakithi bedingiswa ngesikhathi sobandlululo babalekela e-Zimbabwe. UMnangagwa simthatha njengomuntu ongawazi umsebenzi ngoba uzicabangela yena futhi akanandaba nenhlalakahle yabantu base-Zimbabwe. Sizoqhubeka nokweseka abafowethu nodadewethu ezinfunweni zabo zokuthi ehle esikhundleni,” kusho uNakuba.

Esithombeni esingenhla: Umbhikisho

Umthombo wesithombe: Sbongile Nonyana

Izihloko zakamuva