Celani Sikhakhane
Sekuphele amasonto amabili imayini yasoKhukho OLundi ivaliwe njengoba abasebenzi betelekile befuna izimfuno bedube nokudla.
Abasebenzi baku lemayini sekuphele izinsuku eziyishumi nambili bengadli bafuna kubuyiswe uhlu lwezinto ezizuzwa abasebenzi ezakhishwa ngesikhathi kuqala umvalelandlini ngoNdasa ngonyaka ka-2020.
Le mayini yaso-Lundi iyinkampani enkulu ehlinzeka ngamalahle KwaZulu-Natal ngakho-ke isiteleka sizoba nomthelela emnothweni wesifundazwe.
Lesi siteleka esiqale ngomhlaka-14 kuMbasa siphakathi nesonto lesibili kanti abasebenzi bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka kuze kube abaphathi babuyisela izinto abazizuzayo uma besebenzela le nkampani.
Omunye wabasebenzi uthe ngesikhathi kwethulwa umvalelandlini ngoNdasa ngo-2020 ezinye izinkontileka zabasebenzi zashintsha isivumelwano ngokuqashwa ngokuphelele saba isivumelwano sokuqashwa njengetoho.
“Inkampani yasicela ukuthi sithathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi savuma kodwa sacelwa ukuthi sibuye sizosebenza njengetoho sabe sesitshelwa ukuthi sizokwehliselwa umholo sangaba nankinga kodwa abaphathi bashintsha.
Siphinde saqashwa ngokugcwele ngaphandle kwazo zonke izinzuzo ebesizithola,” kusho omunye umsebenzi ongathandanga ukudalulwa.
Abasebenzi basemayini bafuna izibonelelo zasemakhaya, isibonelelo samakhono ayivelakancane kanye nomholo abebewuthola ngaphambi komvalelandlini.
Isimo sishubile futhi okusabisa kakhulu ukuthi abanye abasebenzi abadla imishanguzo bangase babulawe indlala nokuphelelwa amanzi emzimbeni.
Kodwa-ke akekho noyedwa kwabatelekile okwamanje ozimisele ukusebenza nenyunyana yabo noma ukuphuma ngaphansi komhlaba.
Umphathi jikelele we-Zac uWyne Rowe uthe inkampani ikhathazekile ngoba abasebenzi bashaya isiteleka esingekho emthethweni.
“Sinqume ukumisa ukusebenza kweminye imigodi sacela abasebenzi ukuthi basebenzele emakhaya kuze kube isimo sesibuyela kwesejwayelekile,” kusho uRowe.