AbaseNhlangwini basalwa eyokufuna ukuba neSilo sabo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isizwe sakwaDlamini eNhlangwini Ogwini lwesifundazwe saKwaZulu-Natal sesiphinde saphumela obala sathi sineSilo uNqalabutho kaMelizwe Dlamini.

Le sizwe siveze ukuthi isikhonzi eSilweni samaZulu uMisuzulu kaZwelithini.

Emcimbini wehlambo obuwenzelwe ukukhunjulwa kwenkosi yesizwe esakhothama uMntwana uMelizwe Dlamini, abakwaDlamini bathe bona Isilo sabo uNqalabutho, abamazi omunye umuntu.

UMntwana uDY Dlamini ukhulume nalabo abebehambele umcimbi ebanxusa kuthi bangavumi ukuphucwa ifa labo futhi wabakhumbuza ukuthi amandla obukhosi bakwaZulu aphela ngaphambi komfula uThukela.

Uveze ukuthi inkohlakalo yezepolitiki ihlanganisa umhlaba wabo noweSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.

Phambilini uMntwana uMelizwe osakhothama ubefuna ukuhlonishwa njengeSilo njengoba ubezibona elingana neSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu, kodwa izicelo zakhe zachithwa iKhomishini kaNhlapho mayelana nemibango yamakhosi ngo-2009.

Ikhomishini iveze ukuthi iSilo sabo siseSwatini, iNkosi uMswati III.

Yize wayebhekene nokuhlukaniswa nosopolitiki nohulumeni, uMelizwe uqhubekile nokufuna kwaziswe isikhundla sakhe kwaze kwaba uyakhothama.

Osopolitiki abafana noNobhala Jikelele we-EFF uMarshall Dlamini nomholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa oke wahambisana phambilini neSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama bebekhona kulo mcimbi.

Isifiso soMntwana uNqalabutho kaMelizwe Dlamini sokuba iSilo KwaZulu-Natal sesiqubule uqhekeko kulesi sifunda njengoba abakwaDlamini bethi bakhululekile ngaphansi kobukhosi bakwaZulu.

Esithombeni esingenhla: UMntwana uNqalabutho kaMelizwe Dlamini ofuna ukuba iSilo esizweni sakwaDlamini e-KZN

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva