AbaseMzansi bashaya amakhala ngefilimu i-Amandla

Sizwe Sibiya

Ngenkathi abe-Netflix bememezela ukuphuma kwefilimu ekhiqizwe eNingizimu Afrika ebizwa nge-Amandla, abathandi bamafilimu bese beyilindele ngabomvu.

Kodwa selokhu yakhishwa ngesonto eledlule, ababukeli be-Netflix abathanda amafilimu bagcwele ezinkundleni zokuxhumana betshela abanye ukuthi isiphumile.

Le filimu ebelindwe ngabomvu imayelana nezelamani ezimbili ezisohlangothini olwehlukene lomthetho, kukhona izihlabani ezaziwayo uThabo Rametsi, uLemogang Tsipa kanye nomlingisi wodumo u-Israel Matseke-Zulu, osanda kunqanyukelwa umlenze wakhe.

Njengoba inabalingisi abaseqopheleni eliphezulu, umuntu kumele alindele ifilimu enhle kakhulu – kodwa lokho kungaphambi kokuyibuka.

Omunye osebenzisa izinkundla zokuxhumana uze wachaza le filimu njengento ewumsangano. 

“I-Amandla ku-Netflix, ifilimu ewumsangano. Asikho isiphetho esihle, akukho lutho. Igama le filimu alihlangene nokwenzeka kule filimu. Indlela ebhalwe ngayo ayiyinhle neze ,” kusho omunye othanda amafilimu ebhale ku-Twitter.

Omunye uthe ukubuka ifilimu bekungajabulisi neze futhi ugxeke indlela abalingisi abakhuluma ngayo.

“Ukukhuluma iqiniso ibibheda. Kudingeke ukuthi ngiziphoqe ngoba bengeseka ifilimu yaseNingizimu Afrika futhi bekuphoqa ukuthi ngiyibuke kuze kube sekugcineni.

Ziningi izinto ezenzeka kuyo ezingaqondakali. Ngiyazi ukuthi abalingisayo bayasazi isiZulu kodwa bebezwakala sengathi bekuyinto ephoqiwe. Ayifani nhlobo nje neTsotsi, i-Jerusalema, Izulu Lami noma i-Yesterday,” kusho othanda amafilimu.

Akuzona zonke izibuyekezo zefilimu ebezingezinhle . “Ifilimu yakhiwe kahle ngaphandle kokuthi angizange ngithande isiphetho sayo,” kubhala uCheslin ku-Twitter.

Ukwazi ukuthi ifilimu ayinankinga iyabukeka noma cha, kunendlela eyodwa kuphela yokuthola. Buka ifilimu ku-Netflix Futhi wabelane ngombono wakho ezinkundleni zokuxhumana.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Scrolla World Cup Quiz