AbaseMzansi abebekwamanye amazwe babuyela ekhaya

Abantu baseNingizimu Afrika abashiya amakhaya abo kusukela ngo-1999 beyofuna amathuba angcono phesheya manje sebekhetha ukubuya naphezu kwezinselelo eziqhubekayo ezweni.

Lokhu kuke kwavezwa embikweni we-The Times obukhombisa ukuthi abantu bafuna ukubuya kuleli futhi abanankinga nokubhekana nobunzima baseNingizimu Afrika kunokuqhubeka nokuhlala phesheya kwezilwandle.

Izinto ezidala lolu shintsho zihlanganisa ukukhuphuka kwezindleko zokuhlala e-UK nase-Europe, kanye nezingxabano zase-Ukraine nase-Middle East.

“Abantu baseNingizimu Afrika abahlala e-UK nase-Europe babhekana nosizi usuku nosuku njengoba kunezimpi, ukungena kwabantu bakwamanye amazwe okungalawuleki, kanye nezindleko zokuphila ezikhulayo,” kusho i-ejenti yaseKapa ye-Lew Geffen Sotheby’s International Realty.

“Ekugcineni sonke sifisa ukuphila impilo engcono futhi sizoyifuna size siyithole.”

Kusabalale ividiyo yomunye waseNingizimu Afrika ose-Ireland ezwakalisa ukuzisola ngokuthuthela khona

Lo wesilisa uchaze izinselelo ezithinta imizwa nenhlalo yokuqala kabusha ezweni langaphandle, ikakhulukazi kubantu baseNingizimu Afrika.

“Cabanga kabili ngaphambi kokuthi ushiye ezweni lakho. Ngoba uma ufika kwelinye izwe uphathwa njengodoti nginifisela inhlanhla,” esho.

Ngokusho kwe-Tax Consulting SA, lokhu kuzokwenzeka kakhulu ngo-2024 futhi siyanda isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abashiya izwe kodwa asebecabanga ukubuyela ezimpandeni zabo”.

“Umhlaba uguquke kakhulu eminyakeni edlule, okwenza abaningi bacabange ukubuyela emazweni abo.”

NgoMbasa wonyaka odlule, iSA Good News yabika ukuthi babalelwa ku-350,000 abaphuma kwamanye amazwe ababuyele kuleli kanti lesi sibalo kubukeka sisazokhula.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: INingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva