Abasemayini bathi bazoqhubeka nesiteleka

Celani Sikhakhane

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi namandla uGwede Mantashe ukugxekile ukuphathwa kabi kwabasebenzi basezimayini abatelekile e-Zululand Anthracite Colliery (i-ZAC).

UNgqongqoshe uMantashe utshele i-Scrolla. Africa ukuthi abaphathi be-ZAC benze ubugebengu ngesikhathi benqamula ukungena komoya emigodini yezimayini ngoLwesithathu ukuze baxoshe abavukuzi abangu-75 abebetelekile.

“Lokhu kubi kakhulu futhi asihambisani nakho. Ngiyazi ukuthi isiteleka besingekho emthethweni kodwa indlela yokuziphatha esetshenziswe inkampami ayikhombisi ubuntu,” kusho uMantashe.

Bangaphezu kuka-75 abavukuzi ababambe iqhaza esitelekeni ngomhlaka-14 kuMbasa ngemuva kokuthi i-ZAC eyaziwa ngokuthi iso-Khukho yenqabile ukubuyisela imihlomulo yabasebenzi eyayithathwe ngoNdasa ngonyaka ka-2020 ekuqaleni kobhubhane.

Ngomhlaka-19 kuMbasa i-ZAC yazama ukuqeda isiteleka ngokuqasha inkampani yonogada ezimele i-Van Damme ukuze ivimbele izihlobo zalaba ababetelekile ukuthi zifake ukudla namanzi emayini.

Ngemuva kokuhluleka ukukhipha abasebenzi emayini amaphoyisa endawo angena kule mayini phakathi kwamabili ngoLwesibili, kodwa abasebenzi bathi bebelwazi kangcono uhlelo lwemigudu kunamaphoyisa futhi bakwazi ukuwacashela ekujuleni kwezimayini.

Ngemuva kokwehluleka abaphathi be-ZAC bavale ukungena komoya emayini kwathi ngehora lesithathu ntambama ngoLwesithathu bonke abavukuzi abangu-75 baphuma emgodini.

NgoLwesine umphathi jikelele we-ZAC uWayne Rowe utshele abasebenzi ukuthi inkampani izoqala ukuxoxisana ngezimfuno zabo ngoMandulo kodwa kumele bonke babuyele emsebenzini kusukela ngoLwesihlanu.

Uphinde wanikeza abasebenzi umhlomulo omusha ka-R200 000 uma beshonela ezimayini.

Abasebenzi abakade bengagculisekile ngesiphakamiso sakhe bafune isiqiniseko sokuthi imihlomulo yabo ehlanganisa ne-medical aid kanye nezibonelelo zasemakhaya zizobuyiselwa emsebenzini ngaphambi kokuthi babuyele emsebenzini. Bafunga bagomela ukuthi bazoqhubeka nesiteleka.

Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule uMahluleli Jerome Ngwenya ophinde abe nguSihlalo weNgonyama Trust ucele intatheli yethu ukuthi imshayele, kodwa kuthe uma esefonelwa aesazibamba  izingcingo.

I-Scrolla.Africa iphinde yathumela uhlu lwemibuzo kwi-Menar Holdings ephethe i-ZAC.

USiphiwe Tame uvumile ukuthi uyitholile i-email wathembisa ukuthi uzoyiphendula imibuzo futhi asazise ukuthi inkampani izokwazi yini ukuphendula noma cha.

UTame ugcine ephendulile  wathembisa ukuthumela isitatimende uma sesilungile. 

I-Menar Holdings ibingakayiphenduli imibuzo yethu ngesikhathi sokushicilela.

Izihloko zakamuva