Abasekeli bakaZuma bayasinqaba isicelo sakhe sokuthi bavotele i-ANC

Lungani Zungu

Isicelo sikaJacob Zuma kubasekeli bakhe abathembekile sokuthi bavotele i-ANC okhethweni lomasipala oluzoba ngoLwezi siwele ezindlebeni ezingezwa.

Njengoba kunezinsongo zokuduba i-ANC, lowo owayenguMengameli wezwe uye ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto eyonxenxa abalandeli bakhe ukuba bavotele iqembu elibusayo.

UZuma wenze isicelo esimagange kwividiyo efakwe ekhasini le-Twitter leJG Zuma Foundation ecela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphume bayovota ngomhla wokuqala kuLwezi.

“Ngizwile abanye abantu bethi ngeke bavote. Kubalulekile ukuthi sivote ikakhulukazi sivotele i-ANC,” usho kanje ngolimi lwesiZulu.

Kodwa ukunxusa kwakhe akuvunywanga ngisho ngabalandeli bakhe abaqotho, kubalwa nomlandeli odumile owaziwa ngelikaSphithiphithi ku-Twitter ogama lakhe langempela nguZamaswazi Majozi, obeboshiwe phambilini ngokudala uthuthuva lwangoNtulikazi.

“UMengameli uZuma uyazi ukuthi siyamhlonipha, futhi sizomeseka kuze kube phakade; uyena kuphela umholi esinaye kulelizwe.

“Kodwa ukuvotela leli qembu eliyisihogo angeke kulunge . Eminyakeni emine edlule, i-ANC ikhombisile ukuthi isizonda kangakanani, yaze yasebenzisa nabomthetho ukukhokhisa nokubopha izakhamuzi ngokungemthetho,” esho.

Omunye umsekeli, uThuli Ngcobo, uvumelane naye wathi: “Ngiyakuhlonipha, Jacob Gedleyihlekisa Zuma. I-ANC yasilethela inkululeko, kodwa bathathe inkululeko yakho ngowezi-2021. Angiyivoteli i-ANC”.

Njengoba besathukuthele ngokuboshwa kukaZuma ngoNtulikazi, abalandeli abaningi be-ANC basabise ngokuthi bazoluduba ukhetho lwangomhla wokuqala kuLwezi lohulumeni basekhaya.

UMdumiseni Ntuli, uNobhala we-ANC eKZN, phambilini wathi ukuboshwa kukaZuma kuzokhubaza umkhankaso weqembu, ikakhulukazi eKZN, lapho uZuma asenesisekelo esikhulu sokusekwa.

Lokhu kudale izinkinga kuKhongolose, ikakhulukazi eKZN, okuyisifundazwe esinomasipala abaningi ababangwa phakathi kweqembu elibusayo, i-DA ne-IFP.

Njengoba sekusele izinsuku ezingaphansi kwezingama-26 ngaphambi kokhetho, i-ANC isembangweni wokulwa nesikhathi sokunqoba izinhliziyo zabalandeli bakaZuma abasabisa ngokukhipha iqembu ezikhungweni zokuvota.

Izihloko zakamuva