Celani Sikhakhane
INhlangano yowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma imemezele kuleli sonto ukuthi udinga iminikelo ukukhokhela izinsizakalo zomthetho. Kodwa akuyena kuphela onezinkinga zezimali zezikwelethu zomthetho.
Owayeyisishoshovu se-#FeesMustFall uBonginkosi Education Khanyile, uThemba Shabalala kanye noNgizwe Mchunu njengamanje bafuna umnikelo wokuxhasa izikweletu zabo zomthetho.
Abalandeli bakhe ababoshelwe udlame lwangoNtulikazi, nabo babhekene nenkinga efanayo.
UShabalala, odume ngevidiyo yakhe okusolwa ukuthi iyona ebhebhezele udlame, ucela umnikelo ukuze akhokhe ibheyili yakhe.
Amavidiyo kaShabalala ayegcwele ezinkundleni zokuxhumana, lapho ebezwakalisa khona imibono yakhe okwabonakala kuyiyona egqugquzele uthuthuva.
Kusungulwe iqembu le-WhatsApp ngenhloso yokuqongelela imali yebheyili.
Uzobuyela enkantolo futhi ngoMsombuluko lapho azofaka khona isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Kuleli qembu, obambe iqhaza ogama lakhe linguKhephuza uthe: “Bafo kubaluleke kakhulu kithi ukuthi sisize amaqabane ethu adele izimpilo zawo ngenxa kababa wethu, uJacob Zuma. Lento yokubaleka uma abanye bethu besenkingeni iyinkinga impela”.
U-Education Khanyile akasasekelwa yi-EFF, kwazise uphume kuleli qembu esontweni eledlule.
Ngisho nomholi we-EFF uJulius Malema ukubeke kwacaca ukuthi abanabo ubudlelwano noKhanyile.
I-EFF Student Command ithe ngeke igqugquzele muntu ukuthi asekele uKhanyile.
UKhanyile usagcinwe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesine.
Lowo owayenguDJ woKhozi FM uNgizwe Mchunu naye ucele iminikelo yokukhokhela ithimba lakhe labammeli nebheyili.
Kuleli sonto, umuntu abebemlwela ukuthi aphume ejele, uJacob Zuma nenhlangano yakhe ucela iminikelo yokuxhasa ukukhokhela izikwelethu zomthetho.