Abasebenzi kowezeMpilo bakhwabanisa isibonelelo so-R350

Kamogelo Olaitan

Bangaphezu kuka-1 700 abasebenzi boMnyango wezeMpilo abahlomule ngokungemthetho kwizibonelelo zakwa-Sassa zika-R350.

Abasebenzi bakahulumeni abangu-5,812 bahlomule ngokungemthetho, iningi labo liphuma eMnyangweni wezeMpilo ezifundazweni eziyisithupha.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Lindiwe Zulu, ubephendula umbuzo obhalwe phansi ephalamende obuzwe ilungu lePhalamende le-DA uMimmy Gondwe.

UGondwe ubuze ngemizamo kahulumeni yokubuyisela u-R5.8 million othathwe abasebenzi bakahulumeni.

NgoNhlaba ngo-2020 izikhulu zikahulumeni zantshontsha lesi samba sika-R5.8 million kodwa angu-242 kuphela amacala aphenywayo.

UZulu uthe sekwenziwe konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni abahlomulile bakhokhela i-South African Social Security Agency (Sassa). Wengeze ngokuthi bekungeke kwenzeke ukuthi kukhishwe usuku okuzobuyiselwa ngalo njengoba uhlelo lokubuyisela luhambisana nezinqubo zokushushiswa kwamacala obugebengu.

“Njengomthetho we-Criminal Procedures Act, uma uphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority liqala ukushushisa icala ngalinye, kuzovela imigudu eminingi okuzomele ibuyise imali,” usho kanje.

I-Eastern Cape iyona ehamba phambili ngezibalo zamacala njengoba bengu-986 abasebenzi bezempilo abahlomula ngokungemthetho kulesi sibonelelo, kulandele iKwaZulu-Natal ngabangu-221, abangu-172 e-Western Cape, abangu-129 e-North West kanye nabangu-113 eGoli. Isibalo esiphansi siseMpumalanga ngabasebenzi abangu-103.

Ezingeni likahulumeni kazwelonke, izikhulu ezingu-40 zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo zathola isibonelelo sikahulumeni ngokukhwabanisa.

I-News24 ibika ukuthi u-Sassa wayeka ukukhokhela izibonelelo kubasebenzi bakahulumeni abangaphezu kuka-177,000 ngoMandulo nyakenye, kodwa ngenyanga elandelayo baphinde bakhokhelwa.

Kodwa-ke abakwa-Sassa abanalo ulwazi oluqondile “ngohlobo lokuqashwa” kwabahlomuli abaphinde bakhokhelwa lesi sibonelelo.

UNgqongqoshe uZulu uthe isithangami samaqembu amaningi esisungulwe ukuphenya ngokukhokhwa kwemali sihlanganisa izikhulu ezingu-20 ze-National Prosecuting Authority, eze-Financial Intelligence Centre, amaphoyisa, ezoMnyango wezeziSebenzi zikaHulumeni kanye nezakwa-Sassa.

Izihloko zakamuva