Abasebenzi bezempilo e-Zim bafuna ukunyuselwa imiholo

Joseph Chirume

Inqwaba yabasebenzi bezempilo e-Zimbabwe, okubalwa kubo odokotela kanye nabahlengikazi, baqale isiteleka ngoMsombuluko bekhala ngemiholo emincane.

Lesi siteleka singakhubaza leliyazwe eselivele linohlelo lwezempilo olungasebenzi ngendlela efanele.

Abasebenzi bezempilo abatelekile bammelwe inhlanganiso ye-Zimbabwe Health Apex Council efuna uhulumeni abe nezingxoxo mayelana nezimo abasebenza ngaphansi kwazo.

Bafuna izindleko zokuphila zilinganiswe nokwehla kwamandla emali okukhungethe leliyazwe.

Bafuna nokuthi kubuyekezwe izibonelelo eziqondene nezempilo, kuthuthukiswe ukusebenza kanye nokuqalwa kabusha kokukhokhelwa kwezibonelelo ezixhaswe ngabaxhasi kanye nokubuyekezwa kwezibonelelo ze-Covid-19.

I-Health Service Board, emmele uhulumeni wase-Zimbabwe, iphendule ngomhlaka-18 kuNhlangulana kulo nyaka ukuthi kucutshungulwe izibonelelo zabasebenzi bezempilo.

Impendulo kahulumeni ithe, “Ngicela ukunazisa ukuthi uMnyango wezeziMali ubeke izinsiza kwisabelomali salonyaka ukuze usule yonke imali esele. Niyelulekwa ukuthi niqinisekise ukuthi wonke amalungu enu anolwazi lwakamuva ngezinqubo zawo zokuhlola ukusebenza.”

Umholi wethimba le-Health Apex Panel Council, uDkt Tapiwanashe Kusotera, ube esebhalela i-Health Service Board ngomhlaka-19 kuNhlangulana etshela ibhodi ngenhloso yabo yokuteleka kusukela ngoMsombuluko.

Encwadini uDkt Kusotera uthe: “Kuyishwa ukuthi sekuthathe izinyanga ezingaphezu kwezingu-14 ukucela umhlangano ne-Health Services Bipartite Negotiating Panel; kanti namanje umhlangano awukakabanjwa.

“Impendulo yebhodi ngezikhalazo zabasebenzi ichazwa kangcono ngokuthi ‘ayinaso isigqi’ futhi iveza indelelo yebhodi ngosizi lwabasebenzi.

“Njengoba ingekho inqubekela phambili mayelana nezikhalazo zabasebenzi, ngifisa ukuneluleka ngokuthi ukuhoxiswa kwezinsiza kuzoqhubeka njengoba bekushiwo phambilini.”

NgoMbasa ngo-2018, abahlengikazi abangu-16 000 ababetelekile baxoshwa nguNgqongqoshe wezeMpilo nokuNakekelwa kweZingane, uConstantino Chiwenga, owayengujenene wamasosha osewathatha umhlalaphansi.

Lesi siteleka siqale ngemuva kwesonto uhulumeni enze isivumelwano sokunyusa imiholo yabasebenzi bakahulumeni ngo-100%, okuyisiphakamiso esichithwe ngokushesha.

Lezi ziphakamiso bezisho ukuthi umsebenzi kahulumeni ohola kancane uzohola u-R1,600 ngenyanga.

Abasebenzi bathi bafuna ingxenye enkulu yemiholo yabo ibe ngamadola aseMelika bese kuthi ingxenye encane ibe ngamadola ase-Zimbabwe.

Scrolla World Cup Quiz