Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Njengoba abafundi base-Wits bebhikisha besola inyuvesi ngokugcindezela umbhikisho wabo, abasebenzi be-Nehawu abebetelekile bebekhona ngoLwesithathu bezobazisa.
Abafundi base-Wits babhikishela indawo yokuhlala kanye nokubhaliswa. Baphinde bathi bafuna inyuvesi isuse amaphoyisa nonogada abazimele kulesi sikhungo, ihoxise ukumiswa kwabafundi abasolwa ngokwephula imithetho yokubhikisha.
Khonamanjalo, i-Nehawu ibibambe umbhikisho ngaphandle kwasesibhedlela iCharlotte Maxeke Johannesburg Academic njengengxenye yesiteleka sikazwelonke mayelana nesiphakamiso sabo sokuthi abasebenzi bakahulumeni banyuselwe imiholo ngo-4.7%.
Imigwaqo ibigcwele amatshe nemfucuza ukuvimba izimoto.
Ngesikhathi ababhikishi base-Wits bevalwe umlomo yilesi sikhungo ngokuhlakazwa kwebhodi lenhlangano yabafundi, abasebenzi benyunyana i-Nehawu bebebalwela.
Usihlalo we-Regional Nehawu uWanda Phendu uthe: “Lesi siteleka siyinto efunakalayo. Ungahlukanisi lesi siteleka nalokho okwenzeka ezinganeni zethu. Izikhungo zemfundo ephakeme kanye nohulumeni bathatha izinqumo ezingabhekeleli izidingo zezingane. Futhi uma besinika u-4.7% baphinde bethathe imali yethu balindele ukuthi thina njengabazali sizokwazi kanjani ukukhokhela izingane zethu emanyuvesi?”
Abasebenzi be-Nehawu bakhethe u-York Road e-Parktown njengendawo yokuhlangana njengophawu lobumbano nokweseka isiteleka sabafundi base-Wits. Nakuba bembalwa abafundi abangenele umbhikisho ngenxa yokwesaba ukukhonjwa indlela ngabaphathi base-Wits, abanye bawusekela ngokuqinile umzabalazo wokuxoshwa kwabafundi kulesi sikhungo.
Ilungu le-South African Students Congress (Sasco) uTshepo Leaobe uthe: “I-Wits imise amalungu ethu amaningi okuhlanganisa nomholi wethu u-Aphiwe Mnyamane. Uma sikhuluma iqiniso sikhathazekile ukuthi kuzoqondwa thina ngokulandelayo, kodwa asikwazi ukuhlehla! Thina esisele sizolwa kuze kube sekupheleni.
Kusenenqwaba yamaphoyisa ngaphandle kwesikhungo esikhulu se-Nyuvesi yase-Wits, futhi kwengezwe abasebenzi bezokuphepha abahlome ngezimpahla zokuphepha abazulazula emagcekeni esikhungo ukuvimbela noma yikuphi ukuqubuka kodlame.
Esithombeni esingenhla: Abafundi base-Wits ababhikishayo kanye nabasebenzi be-Nehawu
Umthombo wesithombe: Khaya Ndabe