Celani Sikhakhane
Babhekene noKhisimusi omubi abasebenzi be-ANC ikakhulukazi abase-Western Cape naseLuthuli House njengoba iqembu elibusayo sekuphele izinyanga ezine lingawakhokhi amaholo.
Ihhovisi le-ANC e-Western Cape kuthiwa yilo elibheda kakhulu ngemuva kokuthi zonke izifundazwe zicelwe ukuthi zibhekelele abasebenzi bazo.
USihlalo wekomidi elimele abasebenzi be-ANC uMnu uMvusi Mdala uthe kuke kwacelwa izifundazwe ukuthi zibhekelele abasebenzi wathi zonke izifundazwe zikwenzile ngaphandle kwe-Western Cape neLuthuli House.
“E-Western Cape akuphethe lona iqembu ngakho isimo asifani nezinye izifundazwe, kunesikhwama seqembu esidliwa ngezinye izifundazwe,” esho.
Uthe leli qembu limele abasebenzi abangaphezu kwabangama-300 iningi labo elizinze eLuthuli House.
UMdala uthe bekungakaze kukhulunywe ngenkokhelo kanti manje sebebhekene nenyanga yesine bengaholi.
UMdala uthe: “Azikho izingxoxo kulokhu ngoba ngesikhathi sigcina ukuhlangana nabaphathi bekungekho okubambekayo ngokuthi sizohola nini.