Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kuboshwe amadoda amane okukhona kuwo nonogada ababili baseCity Power nosonkontileka ababili ngokweba amadrum amane ekhebuli kagesi abiza inani lika-R350 000.
Laba balisa, abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-40, babanjwe ngomhlaka-18 kuNcwaba ngemuva kokuncinzwa indlebe okwaholela ekutholakaleni kwamakhebuli ethusi ayebiwe ehhovisi elikhulu leCity Power.
Okhulumela iCity Power u-Isaac Mangena uthe iyakhula inkinga yabasebenzi nosonkontileka abathinteka ebugebengwini.
Ekuqaleni kwale nyanga, abantu abahlanu, okuhlanganisa nabasebenzi abathathu bakwaCity Power, baboshelwe ukweba amakhebuli.
NgoNtulikazi, omunye umsebenzi umisiwe ngokweba izintambo zethusi ezingabiza u-R2.1-million.
NgoNhlangulana, abasebenzi beCity Power abahlanu baboshelwa ukuqola nenkohlakalo. Ngayo leyo nyanga, abanye abangu-15, okuhlanganisa nonogada abayisishagalolunye beCity Power, baboshelwe ukweba amakhebuli.
“Lokhu kuboshwa kukhombisa ukuzibophezela kwethu ekunqandeni izenzo zobugebengu eCity Power,” kusho uMangena.
Isikhulu seCity Power uTshifularo Mashava sinethemba lokuthi ukuboshwa kwalaba kuzothumela umyalezo ocacile kunoma ngubani obandakanyeka ezenzweni zobugebengu, ikakhulukazi labo abaxhumene neCity Power.
“Ngeke singabaze ukuthatha izinyathelo futhi siqinisekise ukuthi abathintekayo babhekana nomthetho,” usho kanje.
UMashava uthe bangu-19 abantu abalahlwa ngamacala base begwetshwa iminyaka engu-163 ejele ngonyaka odlule.
Phakathi kukaNdasa noNtulikazi abanye abantu abangu-10, okuhlanganisa nengane encane, balahlwe amacala okweba amakhebuli nokulimaza ingqalasizinda kagesi.
NgoNdasa amadoda amathathu athola izigwebo ezilengisiwe zeminyaka engu-15 ngokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile.
NgoMbasa, umfana oneminyaka engu-17 ubudala uhlawuliswe u-R40 000 noma agwetshwe iminyaka emithathu elengiswa ngokuphazamisa ingqalasizinda yeCity Power.
NgoNhlaba, u-Andile Ndlovu, odabuka e-Zimbabwe ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele ngokuphazamisa ingqalasizinda eSandringham.
NgoNhlaba uTsietsi Masemene ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokulimaza ingqalasizinda yeCity Power eRabie Ridge.
NgoNtulikazi kugwetshwe abanye abantu abane okukhona kubo uLuzipho Samkelo ogwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele noTshuma Sibusiso ongowase-Zimbabwe othole izinyanga eziyisikhombisa ngokutholakala nempahla eyebiwe.
Abanye ababili u-Eugene Mkhize noSandile Afrikander bagwetshwe iminyaka engu-10 umuntu emunye.
Isithombe esingenhla: ICity Power.
Umthombo: Idolobha laseGoli