Abasebenzi bakwa-Pick n Pay basize uzakwabo ukuya esikoleni sokusoka

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abasebenzi basesitolo sakwa-Pick n Pay eKariega bahlangane ukuze basize umqhubi wezinqola zakulesi sitolo, uSindile Adams, oneminyaka engu-23 ukuthi aye esikoleni sokusoka. 

Imenenja yesitolo u-Unathi Nodada uchaze ukuthi banqume ukumeseka uSindile ngemuva kokubona ushintsho endleleni yakhe yokuziphatha. 

“Ubehlale eziphethe kahle ngakho kwathi lapho indlela aziphatha ngayo ishintsha kungazelelwe, kwaba muncu. Uqale ukuphuza utshwala ngakho enye yamadoda alapha emsebenzini yanquma ukukhuluma naye,” kusho uNodada. 

USindile uveze ukuthi uphoxekile ngoba umalumekazi wakhe owayethembise ukumyisa esikoleni sokusoka, akazange akwenze lokho.

U-Unathi nabasebenzi bebekhathazekile futhi befuna ukusiza.

“Nginqume ukubiza umhlangano nabasebenzi besifazane, ngacela ukuthi sihlanganise amakhanda singomama sibone ukuthi singayisiza kanjani le nsizwa ukuthi iye esikoleni sokusoka.

Bavakashele kwaSindile babona isimo aphila ngaphansi kwaso. 

Abazali baSindile bashona bobabili esemncane kanti ukhuliswe ugogo Kwanobuhle Kariega.

“Sibone ukuthi uhlala nogogo wakhe endlini yomxhaso ebhodloke amawindi kanti isimo sibi kakhulu. Ngemuva kwalolo hambo sizimisele nakakhulu ukumsiza ukuthi afeze iphupho lakhe lokuyongena esikoleni sokusoka,” kusho uNodada.

NgoMgqibelo odlule, abasebenzi baqoqe imali eyanele yokuyisa u-Adams esikoleni sokusoka, ukukhokhela izindleko zikadokotela ohlinzayo nezinye izinto ezidingekayo. 

“Kodwa-ke sisadinga usizo lokuthenga ukudla ukuze umndeni umphekele uma esentabeni. 

“Sidinga ukudla nesilwane esizohlatshwa ngomojiso (umcimbi oba phakathi nezinsuku eziyisikhombisa esentabeni, kuke kuhlatshwe imvu) kanye nomgubho wokubuya kwakhe (umgidi),” kuchaza uNodada.

Isithombe esingenhla: Abasebenzi base-Pick n Pay Kariega begqoke amazibazana (njengomama wensizwa eyosoka).

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva