Abasebenzi bakamasipala basolwa ngokushisa amaloli amanzi

Lungi Langa

Abasebenzi bakaMasipala waseMzinyathi kusolwa ukuthi bashise amaloli amathathu amanzi ngoLwesine ebusuku.

Lamaloli, okulinganiselwa ukuthi adle umasipala imali engaphezu kuka-R3 million ashiswe endaweni agcinwa kuyo e-Dundee, KwaZulu-Natal.

Amaloli amanzi ahlinzeka ngamanzi kuzakhamizi zikamasipala wendawo iNdumeni, e-Dundee nakwezinye izindawo eziseduze.

Imeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uMnu Petros Ngubane, uthe amaloli amathathu amanzi acekelwe phansi kanti elilodwa lishe kancane.

Yize uNgubane ethe akafuni ukusho ukuthi yini okungenzeka ukuthi kuholele ekushisweni kwamaloli, udalule ukukhathazeka ngabasebenzi abebengasebenzi kahle kusukela ngoMasingana kulo nyaka.

“Ekuqaleni kwalo nyaka simemezele ukuthi sizomisa isikhathi esengeziwe. Abanye abasebenzi bethu bebengeneme ngalokhu futhi bebelokhu bengasebenzi kusukela lapho,” esho.

“Sisebenzise lesi sinqumo njengendlela yokunciphisa izindleko njengoba singumasipala odonsa kanzima ngokwezimali.”

Uthe kusenabasebenzi abakhombise ukuzinikela okufanayo emsebenzini wabo kodwa laba basebenzi bebelokhu bethola izinsongo ezivela kulaba abangeneme.

“Okwamanje ngeke ngisho ukuthi lokhu kungaba imbangela yokushiswa kwamaloli amanzi yini. Siwabikele amaphoyisa ngodaba lwamaloli amanzi ashisiwe kanti amaphoyisa athathe izitatimende futhi ayaphenya. Okwamanje angifuni ukusho imiphumela yophenyo lungakaqedwa.

“Siyethemba ukuthi ngoMsombuluko sizothola izinkomba emaphoyiseni zokuthi uphenyo luhamba kanjani.”

Uthe amaloli amanzi ebevele eshoda. Umasipala wesifunda ubunamaloli amanzi angu-28 kuphela esikhundleni sangu-50 adingekayo ukuze usize ezindaweni zasemakhaya zikamasipala. Uthe ukulahlekelwa yilamaloli kuzozwela kakhulu emphakathini.

Ngaphezu kwalokho uNgubane uthe, ukusha kwamaloli amanzi kusho ukuthi okungenani abasebenzi abane bazophelelwa umsebenzi.

Unxuse abasebenzi ukuthi bawucabangele umasipala njengoba ethe awunawo amandla okukhokhela abasebenzi ngaphezu kwalokhu obaholela khona njengamanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokucekela phansi impahla eliphenywa amaphoyisa ase-Dundee ngemuva kokushiswa kwamaloli amanzi amabili.

Izihloko zakamuva