Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Kusukela ngo-2019, uMnyango wezeMpilo nokuziPhilisa e-Gauteng usebenzise imali engaphezu kuka-R13-million kubasebenzi abayisishiyagalolunye abamisiwe abasathola imiholo yabo zinyanga zonke.
Lolu lwazi lwabiwe embikweni kaNgqongqoshe uNomantu Nkomo-Ralehoko ku-Jack Bloom, okhulumela eMpilo ku-DA.
Omunye wabasebenzi abamisiwe, u-Advocate Mpelegeng Lebeloane – ongumqondisi wezomthetho eMnyangweni wezeMpilo – ukhokhelwe iholo lika-R4.7-million phakathi kuka-2019 kanye nesikhathi sakhe sokuthatha umhlalaphansi ngoNtulikazi nyakenye.
Umnyango usuphinde wasebenzisa imali engaphezu kuka-R6-million emalini ehlangene yabasebenzi abathathu abayizikhulu abamiswa mhlaka-26 kuMasingana 2022 ngezinsolo zokungaphathi kahle izimali okuhlobene nokulungiswa kwesibhedlela i-Anglo Ashanti.
Omunye wabo usethathe umhlalaphansi.
Ezinye izikhulu ezimbili, ezimisiwe kusukela ngoNtulikazi ka-2022, zisaphenywa uphiko oluphenya amacala akhethekile futhi azikathweswa amacala.
Ngo-2023, abanye abasebenzi abathathu bamiswa emsebenzini: umabhalane osolwa ekudayiseni imisebenzi, isikhulu sezempilo esisolwa ngokuhlukumeza ngokocansi, nomunye umabhalane kanye nomabhalane wezokuthutha obhekene namacala okushaya.
Bonke basayithola imiholo yabo yenyanga.
UBloom ugxeke umnyango ngokudonsa izinyawo kulawa macala, esola uphenyo olubambezelekile nokuhlehlisa ukulalelwa kwawo.
Uphinde wanxusa uNdunankulu, uPanyaza Lesufi, ukuthi akhiphe uLesiba Malotana, inhloko yomnyango, esikhundleni ngenxa yokungawuphathi kahle umsebenzi.
UBloom uthe: “Ukuhamba kancane kwala macala kuthinta indlela umnyango osebenza ngayo nokuholela ekulethweni kwezidingonqangi okungekuhle kubantu. Isikhathi sokumiswa akufanele sibe ngaphezu kwezinsuku ezingu-60. ”
Ibamba lomqondisi omkhulu wezokuxhumana emnyangweni, uKhutso Rabothata, uthe uphenyo seluzophothulwa futhi umnyango usebenzela ukusheshisa inqubo ngosizo longoti bezabasebenzi.
Osesithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezeMpilo Nokuziphilisa uNomatu Nkomo-Ralehoko.
Umthombo: Uthunyelwe