Kabelo Tlhabanelo
Abasebenzi ababili abathela uphethiloli e-Engen baphenduke amaqhawe ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuqoshwa becisha umlilo omkhulu egalaji likaphethiloli.
ULuvuyo Konono kanye noSthembiso Ntombela bafake impilo yabo engcupheni enkulu ngokususa itekisi ebelivutha eduze namaphampu kaphethiloli.
Lesi sigameko, esesisabalale yonke indawo, senzeke ngoLwesibili e-Engen Pitstop e-Kriel, eMpumalanga.
ULuvuyo utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi:
“Bengimatasa nenye imoto ngesikhathi ngibona intuthu nomlilo ngaphansi kwetekisi kanye nabantu bebaleka.
“Ngibe sengigijima ngiyolanda isicima mlilo ukuzama ukumisa umlilo.”
Kepha isicima mlilo asisebenzanga.
Ngakho-ke uLuvuyo wenze obekungalindelekile.
•Ugibele ngaphakathi kwekhumbi ukuzama ukudedela i-handbrake yemoto ebimile futhi ivutha.
•”Benginovalo lokuthi umlilo ungadlulela emaphampini bese kuba nemililo engalawuleki. Itekisi kudingeke ukuthi lisuswe endaweni eyingozi …. Bekunentuthu eningi ngaphakathi kodwa ngenhlanhla ngikwazile ukufika [kwi-handbrake]”.
ULuvuyo uphinde wancoma uzakwabo, uSthembiso.
USthembiso uthe, uqale wesaba ukusiza kodwa wacabanga unembeza oyomshaya uma ngase ashone uzakwabo engasizanga ngalutho.
•”Ngibe sengigijima ngiyosiza ngoba abantu abaningi bebesaba ukusiza. Ngiyajabula ukubona ukuthi sikwazile ukuyisusa itekisi engozini futhi saqeda umlilo obusele endaweni eyingozi. Kube yisifundo sempilo futhi umphathi wethu usajabule ngalokhu esikwenzile,” kusho yena.
Imenenja uSamantha Lange uthe, uyaziqhenya ngalaba bobabili.
Uthe: “Bengibala isitoko ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Bayisindisile indawo.”