
Celani Sikhakhane
Kuduke abasebenzi ababili bakamasipala weTheku ngemuva kokutholakala kwemoto abebehamba ngayo ingenalutho osebeni lomfula eNdwedwe, enyakatho yeTheku.
Iveni engumakhandakhanda emhlophe itholwe ngoLwesithathu ngemuva kokuthungathwa isikhathi eside ngamalungu omphakathi kanye nethimba lamaphoyisa.
Imoto ilimele.
Abagibeli ababili abachazwe ngoMbatha noCele, bebephuma emngcwabeni kazakwabo ngoMgqibelo ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ibhajwa ebhulohweni elingaqediwe, yagugulwa izikhukhula.
Amalungu omphakathi asagqigqa endaweni eseduze nomfula, ngethemba lokuthola laba ababili.
NgoLwesithathu, uNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Peggy Nkonyeni, obenethimba labatakuli, uthe kungenzeka ukuthi lesi sigameko besingeke senzeke ukube ibhuloho beliqedwe ngesikhathi.
UNkonyeni uthe inkampani ebinikezwe ithenda yokwakha ibhuloho laseNdwedwe ihlulekile ukwenza umsebenzi ngendlela kwadingeka ukuthi inkontileka inqanyulwe. Usonkontileka wabe eseyisa uMnyango wezokuThutha enkantolo.
“Kubuhlungu ukuthi imiphakathi yakithi ithwele kanzima ngenxa yenkampani enomhobholo ebeka inzuzo phambili ekubeni ihluleka ukwenza umsebenzi wayo, futhi siyinqamulile inkontileka yenkampani eyanikezwa le thenda ngoba akukho okwenzekayo ukuqeda leli bhuloho,” kusho uNkonjeni.
Uthe udaba lusasenkantolo kodwa sebexhumane ne-SANDF ukuze ibasize bakhe ibhuloho lesikhashana ukuze abantu baseNdwedwe bakwazi ukuwela umfula baye emsebenzini nasesibhedlela Osindisweni.
Ilungu lomphakathi uMbhekiseni Ngcobo uthe isifiso sabo ukuthola isidumbu sikaMbatha noCele.
Lokhu kuthungathwa kuqale ngoLwesibili kodwa ukugeleza kwamanzi amaningi kuphoqe abatshuzi ukuthi bakuhoxise ukuthungatha.