Abasebenza emgwaqeni e-EC bakhala ngokungakhokhelwa 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Inqwaba yabasebenzi abalungisa imigwaqo e-Eastern Cape bathi bebephoqeleka ukuthi bahlale ngaphansi kwezimo ezinyantisayo ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule bengenawo amanzi ahlanzekile nezindlu zangasese ezisebenzayo.

NgoMandulo nyakenye umqashi wabo – uMnyango wezokuThutha – wayeka ukubakhokhela isibonelelo sika-R6 000 sanyanga zonke esiyingxenye yeholo labo elincane kakhulu.

Laba basebenzi balungisa imigwaqo, bagawula izihlahla, basika utshani baphinde bavule imisele yamanzi emigwaqeni emikhulu yesifundazwe.

Bavame ukukhempa eduze kwamadolobha abasebenza kuwo okusho ukuthi “imali yokukhempa” ingu-R197 ngosuku.

Njengoba baziwa endaweni ngokuthi “Onontente” (abantu abahlala ematendeni), babekezelela izivunguvungu ehlobo namakhaza amakhulu ebusika kulawo makhaya esikhashana ngoba befuna le mali abayiholayo.

Kodwa ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule uhulumeni ubelokhu engabaholeli.

Laba basebenzi batshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhulumeni ubakweleta imali ephakathi kuka-R20 000 no-R40 000.

Bathe ngaphandle kwemali abayitholayo yokukhempa iholo labo lincane kakhulu.

Umsebenzi ojwayelekile uhola u-R7,000 ngenyanga, umshayeli uhola u-R12,000, oshasyela u-grader uhola u-R13,500.

Kusukela ngo-2021 abasebenzi bebethuthelwa emakhempini kuso sonke isifunda ukuze bahlale eduze nezindawo zabo zokusebenza. Kodwa lezi zindawo azinakiwe ngokuphelele futhi zisesimweni esibi.

Amakhempu amane asabalele KwaMdingi eKing Williams Town, e-Stutterheim, e-Peddie nase-Kidd’s Beach.

Omunye umsebenzi uWandisile Mkaliphi uthe izimo ezikhona emakhempini azibekezeleleki.

UMkaliphi uthi azikho izindlu zangasese ezinamanzi ahlanzekile.

“Siphuza amanzi emadamini njengezilwane,” esho.

Basebenzisa amaloli  angakulungele ukuba emgwaqeni.

Yize bekhala baqhubekile nokuya emsebenzini ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule.

Leli qembu lithe selihlele ukuhlangana nomphathi woMnyango wezokuThutha esifundazweni uMnu Mzilindile Mafani ukuze kuxoxwe ngezikhalo zabo. Kodwa-ke, wehlulekile ukuzokwamukela imemorandamu yabo.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape u-Unathi Binqose, ukuqinisekisile ukuthi lolu daba seluphambi kweKhomishini yokuBuyisana, ukuLamula nokuXhumana.

“Njengoba kungenzeki lutho abasebenzi banqume ukuthi balinde usuku lokulalelwa kwecala kwa-CCMA. Banethemba lokuthi ekugcineni ukhona ozobaphatha ngesithunzi esibafanele,” kusho uBinqose.

Esithombeni esingenhla: Ezinye zezindlu abasebenzi abahlala kuzo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva