Ngenxa yokwesaba ukuqhubeka kodlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle kanye nokubhekana nekusasa elingaqondakali ngokuchithwa kwemvume ye-Zimbabwean Exemption Permit (i-ZEP), abantu abaningi abadabuka e-Zimbabwe abahlala eMpumalanga Kapa babuyisela impahla yabo eyigugu ekhaya.
Ukuhlaselwa kwakamuva kwabaphuma emazweni angaphandle eNingizimu Afrika okwenziwa ngamalungu amaqembu afana ne-Operation Dudula, i-Dudula Movement kanye ne-PutSouthAfricaFirst kuthuse abantu abaningi abaphuma emazweni angaphandle.
Muva nje, odabuka e-Zimbabwe u-Elvis Nyathi, ushaywe washiswa ngaphandle komuzi wakhe e-Diepsloot. UNyathi ungcwatshwe ngesonto eledlule kwaBulawayo ngosizo lukahulumeni wase-Zimbabwe.
UFarisai Nyamadzawo usehlale e-Gqeberha iminyaka engu-15 nomyeni wakhe nezingane zabo ezimbili. Ungumsebenzi wasendlini. Umyeni wakhe ulungisa imishini yokuwasha. NgoNdasa bathumele ifenisha yasendlini nezinto zabo zikagesi e-Zimbabwe ngebhasi.
“Bengisaba ukuthi ngizogcina ngilahlekelwe yikho konke. Ngikhokhe u-R6 000 wokuthutha iziqandisi ezimbili, isitofu esinamapuleti amane, osofa nomshini wokuwasha.
“Izingane zami zizoya ngoZibandlela uma kuvalwe izikole futhi ngeke zisabuya. Mina nomyeni wami ngeke sithuthele e-Zimbabwe maduze ngoba siphethe i-Zimbabwe Exemption Permit,” esho.
UKuda Munyoro ungumsebenzi ojwayelekile endaweni encane e-Sea View nozakwabo abane base-Zimbabwe. Uneminyaka emithathu ekuleli. Umkakhe nengane base-Zimbabwe.
UMunyoro nozakwabo bakhokhele ifenisha nezimpahla zabo u-R12 000 ukuze zilayishwe ebhasini elisuka esiteshini sesitimela e-Gqeberha eliya e-Zimbabwe.
“Ngisacubungula izinketho zami ukuthi ngiye ekhaya unomphela noma ngihlale lapha. Ngizofaka isicelo semvume yokukhoseliswa,” esho.
Okungenani izinkampani zamabhasi ezinhlanu zihambela e-Zimbabwe njalo ngesonto.
USamson Chanetsa, umnikazi wenkampani yamabhasi i-Red Lion Bus Company, uthe ubone ukwanda kwempahla ethunyelwa e-Zimbabwe. “Sithwala imithwalo eminingi kunabagibeli ngoba abantu bayesaba ukuba yizisulu zodlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle. Sasivame ukuhamba nabagibeli abangadluli ku-40 uhambo ngalunye. Manje sesibanenani elincane labahambela e-Zimbabwe njengoba abantu besebenzisa imali eningi ukuthumela imithwalo yabo,” esho.
“Sibiza amanani afanayo nalawo ebesibakhokhisa wona nyakenye ngemithwalo. Isiqandisi esinezicabha ezimbili sibiza u-R1,500. Leli yinani ebesilokhu silibiza ngamaholidi kaKhisimusi,” esho.