Abase-Zim babhekene nokudingiswa kwelakuleli

Kamogelo Olaitan

Abantu base-Zimbabwe abangaphezu kuka-178 000 abanamaphepha e-Zimbabwe Exemption Permits (ZEP) banezinyanga eziyisithupha ukuthi balungise amaphepha abo okuhlala kwamanye amazwe noma bazoxoshwa kuleli.

NgoLwezi nyakenye, iKhabhinethi yamemezela ukuthi ama-ZEP azokhanselwa ngomhlaka-31 kuZibandlela nyakenye. Banikezwa isikhathi sezinyanga ezingu-12 ukuze bafake izicelo zamaphepha afanele okuthi bahlale kuleli.

Ama-ZEP asungulwa ngo-2008 ngesikhathi abantu abaningi base-Zimbabwe begcwala kuleli, befaka izicelo zokuhlala kuleli ngesikhathi kunombango wezombusazwe kanye nezomnotho ezweni labo.

Emasontweni amabili edlule, iNhlangano kaHelen Suzman ithathele uNgqongqoshe Wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi izinyathelo zomthetho mayelana nokuvinjelwa kokusetshenziswa kwama-ZEP.

“Akuwona umbono wenhlangano ukuthi labo abaphuma emazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho kufanele babe nelungelo lokuhlala, noma ukuthi ama-ZEP kufanele aqhubeke unomphela,” kuphawula inhlangano esitatimendeni.

“Kunalokho, umbono wethu ukuthi labo abahloniphe imithetho yakuleli ukuze bahlale nokuthi basebenze lapha besebenzisa ama-ZEP, banganqanyulwe lezi zimvume ngaphandle kwenqubo efanelekile, isizathu esizwakalayo kanye nethuba elizwakalayo lokumisa amaphepha abo. Yilokho okufunwa umthethosisekelo wethu.”

Ephendula uMotsoaledi uthe abantu base-Zimbabwe kumele balishaye indiva ithemba abalinikwe yile nhlangano bese balandele imigudu ebekwe umnyango ezazisweni ezahlukene zomphakathi kanye nezokuxhumana.

“Uma iNhlangano kaHelen Suzman inezintshisekelo ngabantu base-Afrika ezwenikazi lonke, ngilindele ukuthi ibambe iqhaza ekusizeni abantu base-Zimbabwe abathintekayo ukuthi bafake isicelo se-visa eyodwa noma ezinye ezihlinzekwe uMthetho wabaphuma emazweni angaphandle,” kusho uMotsoaledi esitatimende.

Okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwaMazwe kanye nokuBambisana uClayson Monyela, ubhale ekhasini lakhe laku-Twitter ukuthi kwabangu-178 412 abanamaphepha e-ZEP bangu-2 301 kuphela okuzohoxiswa ama-visa abo kanti bangu-3 014 okutholwe izicelo zabo uMnyango wezaseKhaya.

Izihloko zakamuva