Dylan Bettencourt
Abaphathi bethenisi be-Wimbledon basezingxoxweni nohulumeni waseBrithani mayelana nokuvinjelwa okungahle kwenzeke kwabadlali base-Russia nabase-Belarus emqhudelwaneni walo nyaka.
Kubikwa ukuthi uhulumeni ufuna ukugwema isimo lapho umdlali wase-Russia engase awine khona i-Grand Slam, ngaleyo ndlela ahlomulise uMengameli wase-Russias uVladimir Putin.
I-All-England Lawn Tennis Club (i-AELTC) ithe lolu daba luyinkimbinkimbi futhi luyinselelo.
Umdlali wesibili emhlabeni uDaniil Medvedev uvunyelwe ukuthi aqhubeke nokudlala kodwa hhayi ngaphansi kwefulegi lase-Russia.
Iqembu lethenisi laseNgilandi lithe isinqumo ngabadlali abavela e-Russia nase-Belarus sizothathwa maphakathi noNhlaba, ngaphambi komqhudelwano ozoba ngoNhlangulana.
I-Russia ivinjelwe ekutheni ivikele izicoco zayo ze-Davis Cup nese-Billie Jean kulandela ukuhlasela kwayo i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja.
“Sisibonile isiqondiso sikahulumeni wase-UK mayelana nokuhambela lo mqhudelwano kwabantu base-Russia nabase-Belarus ngokungathathi hlangothi emiqhudelwaneni yezemidlalo e-UK,” kusho isitatimende se-AELTC.
UMedvedev akakayigxeki i-Russia noma uMengameli uPutin kulandela ukuhlaselwa kwe-Ukraine, okuyimbangela yokumiswa kwakhe kowe-Wimbledon.
UNgqongqoshe wezemidlalo wase-UK uNigel Huddleston uthe ucele incwadi ebhaliwe yokumemezela ukuthi noma yimuphi umdlali wase-Russia akakutholi ukwesekwa kwezimali kuhulumeni wakhe.
“Isimemezelo esibhaliwe esokuthi abayitholi imali ku-Putin, e-Russia noma e-Belarus nokuthi ngeke bakhulume ngokusekela uPutin, i-Russia noma i-Belarus,” etshela i-Telegraph.
I-Wimbledon ingumqhudelwano ozimele ngakho-ke ingavimbela abasubathi base-Russia nabase-Belarus futhi angeke ibhekane nanoma yimiphi imiphumela yezomthetho.
I-Grand Slam yesibili yonyaka kulindeleke ukuthi iqale kusukela ngomhlaka-27 kuNhlangulana kuze kube umhlaka-10 kuNtulikazi.
Umthombo wesithombe: @TennisWorldUSA