Dylan Bettencourt
Ibhizinisi lokudla elibizwa nge-Tasty and That’s It” elithathe indawo ye-McDonald’s e-Russia libhekene nenkinga kwezinye izitolo zabo ngokuphela kwama-Chips.
Kukhona nemibiko yokuthi le ndawo yokudlela ibithengisa amabhega akhuntile.
Imibiko yendawo iphakamisa ukuthi lezi zitolo zibhekene nokushoda kwezinhlobo ezifanele zamazambane okushiye abantu abathanda lolu hlobo lokudla bengenawo ama-chips uma bethanga amabhega abo.
Kubikwa ukuthi ama-chips azoze abe khona ngasekupheleni kwalo nyaka.
I-Tasty and That’s It ingene esikhundleni sochungechunge lokudla okusheshayo i-McDonald’s, ngemuva kokuthi inkampani ihoxisiwe kulandela ukuhlasela kwe-Ukraine.
Isikhungo saseMelika sokudla okusheshayo sathengisa zonke izindawo zayo zokudlela kusomabhizinisi wase-Russia ngoNhlaba. Ube eseshintsha igama waqamba elithi “Vkusno I Tochka” okusho ukuthi-Tasty and That’s It.
Kodwa-ke kusanenyanga kuphela kuvulwe lezi ndawo zokudlela, kodwa sezibhekene nezinkinga.
Lezi zindawo zokudlela zidinga ama-chips ase-rustic acishe afane nalawa abekhiqizwa i-McDonald’s.
I-Tasty and That’s It esitatimendeni ibike ukuthi ngonyaka odlule bathole izinhlobonhlobo zamazambane ezingezinhle.
Abe-Tasty and That’s It bathi bavame ukuzama ukuthola umkhiqizo wabo emapulazini ase-Russia bengeza ngokuthi angeke bakwazi ukuthenga amazambane ngaphandle obekungaba isixazululo sesikhashana.
UMnyango wezolimo wase-Russia nokho uthe akukho ukushoda kwamazambane ezweni.
“Imakethe yase-Russia inikezwa ngokugcwele amazambane kuhlanganise nalawo acutshungulwayo. Ngaphezu kwalokho, izitshalo ezivela emapulazini sezifikile okuzogwema ukushoda kwamazambane,” kusho uMnyango.
Amakhasimende esikhathini esidlule aphakamise ukuthi adayiselwa amabhega akhuntile ngesikhathi kuthengiswa khona ukudla okusheshayo ezindaweni eziningi.
Imilenze yezinambuzane iphinde yatholakala kwibhega kwesinye isigameko ngokusho kwe-Daily Mail.
Umthombo wesithombe: @BBC