Dylan Bettencourt
I-Tokyo yangowezi-2020 isebenzise ukuchema ngesikhathi kwahlulelwa abantu besifazane kowamanqamu e-Gymnastics Rhythmic kusho ikomidi lase-Russia lama-olimpiki.
Umpetha womhlaba amahlandla amathathu uDina Averina uhlulekile ukuthola indondo yegolide ehlulwa owase-Israel uLinoy Ashram. Ikomidi lama-olimpiki lase-Russia lithi lokhu kuyihlazo kwisizwe sethu futhi bayachema uma behlulela, selokhu sahluleka ngowezi-1996 ukuthola noma indondo eyodwa yegolide.
Umphathi wekomidi lase-Russia lama-olimpiki uStanslav Pozdnyakov uzofaka isikhalazo kwi-International Gymnastic Federation bakhalaze ngesinqumo abasikhiphile.
Sithathe isinqumo sokuthi angeke siwavale amehlo ethu ngalolu daba. Sesilungiselela esinye isicelo sesibili esizosihambisa kwi-International federation, usho kanjalo kwisitatimende sakhe.
Abalandeli bavumelane nalokhu okushiwo yi-ROC ezinkundleni zokuxhumana bethi bekungekho ubulungiswa esinqumeni abasikhiphile bekumele lona wase-Russia oneminyaka engama-22 awine indondo yegolide.
Mhlawumbe abaphathi bezepolitiki base-Russia bahlangene ekutholeni kwakhe amaphuzu amancane.
U-Averina obehluleka ukufihla imizwa yakhe kumcimbi uthe angiboni ukuthi kube nobulungiswa namhlanje kuvele kwacaca zisuka uma ngithola amaphuzu aphansi. Ngakho-ke angeke ngisho ukuthi kube nobulungiswa. Angiwaboni ngisho amaphutha engiwenzile bengizimisele ngenza into ebonakalayo okudlula uLinoy ubengenazo izimpawu zokuzimisela.
U-Ashram obe ngumuntu wokuqala wesifazane wase-Israeli ukuwina indondo yegolide yama-olimpiki uthe akamudinelwe u-Averina ngemuva kwezinsolo zakhe, kodwa wathi wonke umuntu kumele awine aphinde amukele uma ehluliwe.
Umthombo wezithombe: @TheTimesOfIsrael