Arthur Greene
“Yeka ukuvumela abantu ukuthi bakwenze uzizwe unecala ngengcebo oyitholile,” kubhale u-Olalekan Jacob Ponle ku-Instagram ngoNhlaba, njengesihloko sesithombe sakhe eseduze kwe-Lamborghini ephuzi.
UPonle wayengazi ukuthi lokhu ngomunye wemibhalo ebisabalala ezinkundleni zokuxhumana ezisetshenziswa njengobufakazi bokukhwabanisa nge-inthanethi.
NgoNhlangulana, amaphoyisa ase-Dubai abopha uPonle, owaziwa ezinkundleni zokuxhumana ngelika“mrwoodberry”, nabanye abayi-11 ababandakanyeka emkhankasweni omkhulu wokukhwabanisa nge-inthanethi.
Amaphoyisa ezweni ashaqe imali eyizigidi ezingama-$40 (izigidi ezingama-R595), izimoto zikanokusho eziyi-13 ezibiza izigidi eziyi-R101, amakhompyutha angama-21, ama-smartphone angama-47 namakheli abantu abacishe babe yizigidi ezimbili abasolwa ngokuba yizisulu.
Phakathi kwababoshiwe kukhona “umakhi wezindlu” odumile owaziwa ezinkundleni zokuxhumana ngelika”hushpuppi”. Ogama lakhe langempela nguRamon Olorunwa Abbas, “uHush” unabalandeli abayizigidi ezingama-2,5 ku-Instagram.
Uqoqe abalandeli abafinyelela kulesi sibalo ngokuqhakambisa kwakhe ingcebo.
“Uhlobo olwehlukile lokuGCWEBEZELA kanye neZINGA uma uqala ngokwehla ku-Rolls Royces uzogibela i-jet ukuze nje uhambele imibukiso yezemfashini kwelinye izwekazi,” u-Abbas ubhale kanjalo eceleni kwesithombe sakhe emi eduze kwe-jet yakhe.
U-Abbas noPonle bathunyelwa eMelika ngoNhlangulana, bathweswa amacala okwakha itulo lokukhwabanisa kanye nokusebenzisa kabi imali engamakhulu ezigidi zamaRandi etholwe ngamacala obugebengu be-inthanethi.
La madoda amabili asolwa ngokuzenza abasebenzi bangempela bezinkampani eziningi zaseMelika, futhi aqinisekisa lezo zinkampani kuma-imeyili ukuthi zifake amashumi ezigidi zamaRandi kuma-akhawunti abo.
Laba basolwa baze basolwa nokuthi bake babandakanyeka ohlelweni oluzama ukweba imali elinganiselwa kuzigidigidi ezi-R2 eqenjini elingaziwa le-English Premier League.
Imibhalo yabo eminingana ezinkundleni zokuxhumana inikeze abaphenyi imininingwane ebalulekile mayelana nengcebo nemisebenzi yabo.
“Ngicabanga ukuthi mhlawumbe kunokuzikhukhumeza okuthile uma kuwukuthi bakholelwa ekutheni bebekade bekuqaphele ukugcina amagama abo engaziwa ku-inthanethi. Kodwa bazikhukhumeza kakhulu futhi abanaki ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uGlen Donath, owayengumshushisi omkhulu eHhovisi Lommeli waseMelika e-Washington DC, etshela i-BBC.
Ngenkathi u-Abbas ethi wenze ingcebo yakhe ngokwakha ‘izindlu’ kusolwa sengathi kune nani elikhulu lama-akhawunti asebhange elebiwe.