Abase-England bazila ukudla ngaphambi komdlalo  neFrance

Abalandeli be-England ngeke bawadle ama-baguette nama-croissants ngaphambi komdlalo wabo wama-quarter-final ne-France kuleli sonto.

Njengoba womabili amaqembu i-England ne-France sebedlulele kowomkhumulajezi, labo mpetha base-Europe bazobhekana ngoMgqibelo bebanga ukungena esigabeni samaqembu ayisishiyagalombili okugcina e-Qatar.

Abalandeli be-Three Lions sebekhethe ukuzila noma ikuphi ukudla kwase-France kuze kube umdlalo.

Bathi angeke badle ngisho nokudla kwasekuseni noma kwantambama kanti omunye umlandeli wase-England uncenge abanye abantu ukuthi bagweme ngisho nama-macaroni nophudingi odumile.

“Le impi enkulu!” kubhala umlandeli ku-Twitter.

“Awangadliwa ama-baguettes nama-croissants kusukela manje, futhi ningalinge nilokothe nama-macaroni asibambisane sonke sizwe sase-England!”

Njengoba abalandeli be-England bevame ukwenza lesi sicelo basithathe njengehlaya.

Omunye umlandeli ubhale ukuthi, njengoba ehamba ngemoto ebizwa nge-French Renault ngabe kumele eqe yini noma cha emsebenzini isonto lonke ukuze agweme ukushayela imoto yakhe. 

Omunye uthe ngesikhathi i-England ihlulwa kowamanqamu e-Euro, e-Italy ngonyaka odlule yadla isidlo sasebusuku sase-Italy futhi usazisola ngomphumela.

Umphathi we-England, uGareth Southgate nokho uyazi ukuthi ukubhekana nompetha  kuzoba isivivinyo esinzima kunazo zonke eqenjini le-England.

“I-France iyisivivinyo esikhulu esingabhekana naso,” kusho uSouthgate ngemuva kokuhlula i-Senegal.

“Bangompetha bomhlaba futhi banethalente elimangalisayo kanye nabadlali abavelele. Kunzima kakhulu ukudlala nabo ngakho-ke kuyinselelo enhle kanye nomdlalo omuhle okufanele siwulungiselele.”

I-England ne-France balindeleke ukuba babhekane ngoMgqibelo mhla ziyishumi kuZibandlela ngehora lesishiyagalolunye ebusuku.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla esabadlali 

base-England, nabalandeli abaphethe ama-croissants

Umthombo wesithombe: @DailyStar

Izihloko zakamuva