Abase-Cameroon bazonikela ngamabhonasi abo

Dylan Bettencourt

Abadlali be-Cameroon balwela ukuthola ibhonasi ka-R1,2 million ngokufinyelela esigabeni somkhumajezi kwi-Africa Cup of Nations – noma kunjalo kodwa ngeke beyidle bodwa lemali.

La badlali bathembise ukuthi imali bazoyinika abasindile esibhicongweni esenzeke enkundleni yezemidlalo i-Olembe ngomhlaka-24 kuMasingana.

“I-Indomitable Lions icele uMengameli we-FECAFOOT uSamuel Eto’o ukuthi ibhonasi yabo engu-50,000,000 CFA (R1.2m) yokufinyelela esigabeni somkhumajezi kweye-Afcon inikezwe izisulu zesibhicongo,” kusho okhulumela iqembu uSerge Leopold Guiffo etshela i-ESPN. 

UGuiffo uthe lesi sicelo size ngemuva kokuthi i-Cameroon ihlule i-Gambia emdlalweni wama-quarterfinal obungeSonto.

I-Cameroon iphinde yanikela ngalokho kuwina ngo 2-0 kwizisulu zesibhicongo.

Kushone abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi i-Cameroon idlala ne-Comoros emdlalweni wesigaba somkhumajezi. Obekufanele kube umcimbi wenjabulo kushintshe kabuhlungu ngesikhathi isixuku sizama ukungena ngenkani enkundleni ukuze sizobona umdlalo wesizwe sawo.

Ibivaliwe iminyango emibili kwemithathu futhi bekungekho ukuphepha okwanele ukulawula isixuku. Komunye umdlalo we-Afcon kusuke isiphithiphithi nokuholele ekutheni kube khona abantu abashonayo ngesikhathi sebenyathelana enkundleni yezemidlalo.

Abanye abantu abangu-38 balimale kanzima kwathi abayisikhombisa kulaba baphuthunyiswa esibhedlela ngendiza.

Iqembu kanye nabalandeli abebengaphakathi enkundleni enkulu bebengazi ngalezi zindaba kwaze kwayiwa ekhefini.

Yize kwenzeke lesi sigameko, i-Cameroon ikwazile ukuhlula i-Comoros ebidlangile ukuze izibekele indawo kuma-quarter final.

Abadlali bazobuyela enkundleni okwenzeke kuyo isigameko okokuqala emdlalweni owandulela owamanqamu bebhekene ne-Egypt ngoLwesine.

I-Confederation of African Football (CAF) igxekwe kakhulu ngalesi sigameko kanti abaningi bebelindele ukuthi ithuthwe imidlalo okumele ebisenkundleni yezemidlalo i-Olembe.

I-CAF inqume ukungayisusi le midlalo futhi isiqinisekise ukuthi izindlela zokuphepha sezithuthukisiwe zaba sezingeni elidingekayo uma sekudlalwa imdlalo eyandulela owamanqamu nowamanqamu.

Umdlalo wamanqamu we-Afcon uzoba ngeSonto ngo-9 ebusuku lapho i-Egypt, i-Cameroon, i-Burkina Faso noma i-Senegal bezobe belwela ukuphakamisa indebe.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva