Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Uphatheke kabi umndeni ngokuthi isibhedlela sesifunda saseKhayelitsha eKapa asizange senze imizamo ephindaphindiwe yokuwutshela ngokushona kothandiweyo wawo.
Umndeni uhambise isihlobo sawo esigulayo esibhedlela ngoLwesithathu.
“Samvakashela ngoLwesine kodwa asizange siye ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo, nangeSonto, sizitshela ukuthi sizomvakashela ngoMsombuluko,” kusho ilungu lomndeni. “Siyazi ukuthi senze iphutha ngokungamvakasheli izinsuku ezintathu, kodwa besingenayo imali.”
Ngesikhathi beya esibhedlela ngoMsombuluko, bathukile bethola ukuthi isihlobo sabo sishone ngoLwesihlanu.
“Simangele ngoba ubesekwazi ukudla ngesikhathi siyombona ngoLwesine. Sibuze ukuthi kungani isibhedlela singashongo ukuthi useshonile,” kusho ilungu lomndeni.
“Akukhona ukuthi besingenandaba, kodwa isibhedlela bekufanele sisho. Omunye umhlengikazi uthe bazamile ukufona ngoLwesihlanu kodwa wangasithola. Kungani bengazamanga futhi ngoMgqibelo, ngeSonto, noma ngoMsombuluko,” bebuza.
“Uma kunenkinga yenethiwekhi, kungani bengaqhubekanga nokuzama ukusithinta? Abakwenzile kusizwise ubuhlungu, futhi siyethemba ukuthi angeke kwenzeke kweminye imindeni,” kwengeza ilungu lomndeni.
Okhulumela isibhedlela, u-Abulele Dyasi, uthe isibhedlela sizame kaningi ukufonela umndeni ngoLwesihlanu kodwa sangawuthola.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bakamufi,” kusho uDyasi.
Esithombeni ngenhla: Isibhedlela sesifunda saseKhayelitsha sisolwa ngokuhluleka ukwazisa umndeni ngokushona kwesihlobo sawo.
Umthombo: Buziwe Nocuze