Abaqeqeshwayo bathi kuqashwa ngokwebala kubahlengi basolwandle 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-Amanzimtoti Lifesaving Club, eningizimu yeTheku ibhekene nezinsolo zokucwasa ngokwebala kwabafundi abamnyama abebeqeqeshwa abathi abaphathwa ngendlela efanele. 

Abanye bathi abakazitholi izitifiketi zabo zokuphothula obekufanele ngabe bazithola ngoNdasa nyakenye, kanti ozakwabo abamhlophe abajoyine lolu qeqesho ngemuva kwabo vele sebemukelwe njengabahlengi bempilo.

Abaqeqeshiwe abamnyama abakhulume ne-Scrolla.Africa bathe abanye babo banqume ukushiya phakathi.

“Sekunesikhathi sicwaswa ngokwebala. Thina esingabafundi abamnyama asikazitholi izitifiketi zokuphothula. Abamhlophe bangeniswa kalula,” kusho owaqeqeshwa ongathandanga ukudalulwa igama. 

“Kubuhlungu ngoba size lapha ngethemba lokuthi sizoshintsha izimpilo zethu ngesikhathi abazali bethu besebenzisa imali yabo yokugcina ukukhokhela izifundo zethu,” kusho owaqeqeshwa.

Omunye umuntu omnyama oqeqeshiwe uthe uphase ngamamaki aphezulu angu-70% kodwa watshelwa ukuthi abhale izivivinyo kabusha.

“Ngaphinda ngabhala ngaphinde ngaphasa kodwa kuze kube namuhla abakanginiki isitifiketi sami kusukela ngoNdasa nyakenye. Ngihleli ekhaya ngikhungathekile ngoba angisebenzi kodwa abamhlophe esasiqeqeshwa nabo bayasebenza manje.” 

Umqeqeshi oyinhloko uLots Hank utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akakwazi ukukhuluma nabezindaba wabe esethi sidlulisele imibuzo kwa-Lifesaving South Africa noma kuMthokozisi Cele we-Amanzimtoti Lifesaving Club.

UCele akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona ku-WhatsApp ngesikhathi sokushicilela ngemuva kokuthi imizamo eminingi yokumthola ocingweni ingaphendulwa.

UNkk Helen Herbert we-Lifesaving South Africa uthe bebengakatholi zikhalazo, kodwa banemigudu ecacile abayisebenzisayo yokuthola izikhalo.

“Sicela abanezikhalo bazibike ukuze senze uphenyo,” kusho uHerbert.

Esithombeni esingenhla: I-Amanzimtoti Lifesaving Club.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva