Dylan Bettencourt
Encwadini yakhe ekhishwe ngoLwesibili, umsubathi obhukudayo onendondo yegolide kuma-Olympics uCate Campbell uthe abaqeqeshi besilisa bayazifela ngesisindo sabasubathi babo besifazane.
Uthe abasubathi baze baphoqwe ngabaqeqeshi babo ukuthi badle ukudla okuncane.
“Isisindo bekuyinto okuhlezi kudingidwa ngayo, futhi namanje basadingida ngayo kuma-pool decks noma emaqenjini okubhukuda. Ababhukudayo kwezinye izinhlelo bebekalwa wonke amasonto phambi kwawo wonke amaqembu abo futhi beyalwa esidlangalaleni uma bezuze ngisho namakhulu ambalwa amagremu,” kubhala uCampbell.
Lo mdlali oneminyaka engama-29 ubudala wengeze ngokuthi umthetho ojwayelekile wabaqeqeshi besilisa ukuthi abantu besilisa bagqoka kahle.
Le ncwadi enesihloko esithi-Sister Secrets: Life lessons from the pool to the podium, ayibhale nodadewabo, isivele yathola impendulo kwabe-Swimming Australia abafunga ukuthi bazothuthukisa izimo zababhukudi babo.
“Siyaqhubeka nokusebenzisana nabaqeqeshi nabaholi babadlali ekuthuthukiseni izindlela ezingcono zokuqeqesha kanye nokuxhumana nabasubathi bethu ukuze bakwazi ukwenza kahle kakhulu,” kusho uJodie Hawkins we-Swimming Australia.
UCampbell uwine indondo yegolide kuma-Olympic izikhathi ezine ngemuva kokuwina izindondo zamagolide amabili e-Tokyo ngasekuqaleni kwalo nyaka ku-4x100m freestyle kanye ne-medley relays, kanti futhi wazuza indondo yethusi kumcimbi we-100m freestyle. Ngonyaka wezi-2012 nangonyaka wezi-2016 uwine igolide emqhudelwaneni we-4x100m we-freestyle.
Ngaphandle kwenhlanhla yakhe emanzini, ngoNtulilkazi ngowezi-2020 lo msubathi waveza ukuthi unesifo sokudangala.
“NgoNhlangulana ngonyaka wezi-2021, emasontweni amane ngaphambi kokuqala kwama-Olympics e-Tokyo, ngagcina ngivumile ukuthi ngidinga usizo lwezokwelashwa futhi ngiyabonga ngokuthi ngakwenza,” kusho lo msubathi.
“Impilo yengqondo ayilona uphawu lokuba buthakathaka. Kuyiqiniso. Iningi lethu lizobhekana nakho esikhathini esithile ezimpilweni zethu.”
Umthombo wezempilo: @SwimSwam