Abaqeqeshi beBanyana nabo bazothola amabhonasi

Menzi Magubane

UMengameli we-Safa uDanny Jordaan useqinisekise ithimba labaqeqeshi beBanyana Banyana ukuthi bazowathola amabhonasi ngemuva kokuba iqembu linqobe isicoco se-CAF Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).

Nokho zikhona izingxoxo okuzodingeka ukuthi izinhlangothi zomabili zidlule kuzo ngaphambi kokuthi kunikezwe amabhonasi umqeqeshi uDesiree Ellis nabasizi bakhe.

UJordaan uthe ube nomhlangano omfushane nethimba labaqeqeshi e-Rabat mayelana nalolu daba.

“Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo kuzomele sihlale phansi sikhulume ngalokhu. Khumbula akubona abadlali kuphela kukhona nethimba lezobuchwepheshe,” kusho uJordaan ohlelweni lwe-Marawa Sports Worldwide.

“Ngeke sibakhohlwe futhi angeke sivumele abadlali abasenkundleni ukuthi bathole amabhonasi bodwa. Sike safika ngoLwesibili, kodwa asizange sikuxoxe lokho.”

UJordaan ukhulume ngenkulumompikiswano yokulingana kwamaholo echaza ukuthi isizathu esenza iBafana ikhokhelwe kakhulu kuneBanyana igebe emalini engenayo yokusakaza.

“Uma uthola imali esakazwayo ebholeni labesifazane indaba yokulingana kwamaholo izophela njengoba abesilisa bekhokhelwa u-R2.8 billion wokusakaza nokuxhasa kodwa kwiBanyana akukho njalo.

Khonamanjalo uJordaan uphinde waqeda izinkulumo mayelana nemali yamabhonasi ezotholwa iBanyana.

I-Safa ithembise ukunikeza umdlali ngamunye u-R400 000 ngokuwina i-Wafcon, kodwa imibiko ithi ingase ibe ngaphezulu ngo-R8.4 million we-CAF kanye no-R5.8m ovela kuhulumeni.

“Sivumelene ngo-R400 000 olingana no-R9.2 million futhi leso isimemezelo esasenza emphakathini lokho kuyisibophezelo sethu.

“Sizibophezele ngo-R9.2 million futhi sizokhokhela umdlali ngamunye u-R400,000.”

Umthombo wesithombe:@Banyana_Banyana

Izihloko zakamuva