Dylan Bettencourt
Umdlalo phakathi kwezimbangi i-Brazil ne-Argentina umiswe ngomzuzu weshumi ngabasebenzi bezempilo abagasele enkundleni ngeSonto ntambama.
U-Emiliano Martinez, uChristian Romero, uGiovanni Lo Celso kanye no-Emiliano Buendia kubikwa ukuthi baphule imithetho yase-Brazil yokuzihlukanisa nabantu ethi wonke umuntu ongena kuleliya lizwe kumele ahlaliswe yedwa izinsuku eziyishumi nane.
Kuthiwa baqambe amanga mayelana nesikhathi abasichithe bodwa njengoba bobane bebesemdlalweni we-Premier League esontweni eledlule.
Njengoba iningi labadlali base-Argentina bephume enkundleni, ukaputeni uLionel Messi kanye nemenenja yabo bakhulume neziphathimandla.
“Kungani beqale umdlalo base bewumisa ngemuva kwemizuzu emihlanu?” UMessi usho kanjalo kumabonakude.
“Besisenkundleni ihora lonke, ngabe basitshelile”.
I-Anvisa, eyi-Brazil Health Regulatory Agency yaziswe mayelana nokuphulwa kwemithethonqubo yokuhlukaniswa kwabantu futhi yaya ehhotela lase-Argentina, kodwa abadlali bese behambile baya enkundleni.
Ngemuva kwezingxoxo, i-Anvisa izinqabile izicelo ezivela kuziphathimandla zendawo, izigungu ezilawulayo nabahleli bemidlalo zokuvumela ukuthi umdlalo uqhubeke. Babe sebengena enkundleni bezobamba futhi bezoxosha laba badlali abane, kodwa abaphumelelanga.
“I-Anvisa ithatha lesi simo njengesiyingozi kakhulu kwezempilo futhi icele iziphathimandla zezempilo zasendaweni ukuthi zinqume ukuthi abadlali bazihlukanise nabantu ngokushesha noma futhi bangavunyelwa ukuhlala ezweni lase-Brazil,” kusho i-Anvisa esitatimendeni.
Ngemuva kokudideka, iqembu lase-Brazil libambe umhlangano ovulekile nabalandeli.
Lonke iqembu lase-Argentina selihambile e-Brazil ngaphandle kwenkinga njengoba isigungu esilawula ibhola laseNingizimu yeMelika sizothatha isinqumo sokuthi kuzokwenzakalani ngalo mdlalo.
I-Brazil isezingeni eliphezulu emaqenjini ahlungele ukudlala aseNingizimu yeMelika e-Qatar ngowezi-2022, ihola i-Argentina ngamaphuzu ayisithupha.
Umthombo wesithombe: @SkyNews