Abaphuma emazweni angaphandle eqenjeni lebhola eQatar 

Iqembu lebhola e-Qatar livumele abasebenzi base-Afrika ukuthi babe nephupho lokuba ngabadlali bebhola abakhokhelwayo ngelinye ilanga.

I-Mazrouah FC yase-Doha yasungulwa ngabasebenzi base-Afrika. Umqeqeshi uRobert Otiato uqeqesha abadlali bakhe okuthatha amahora amabili enkundleni enesihlabathi ngaphambi kokubanika ithemba.

“Ithalente lenu lizonivulela iminyango. Likhona iphupho. Likhona ikusasa,” ebatshela, kubika i-The Guardian.

Ukubona ikusasa eliqhakazile kube inselele kubasebenzi base-Afrika amakhaya abo aqhele ngo-100m ukusuka enkundleni. Base-Qatar ukuze benze imali abazoyithumela ekhaya, kodwa emahoreni ambalwa abangenzi lutho ngawo babalekela enkundleni yebhola.

U-Otiato (28) wase-Kenya wathuthela e-Qatar eminyakeni emibili edlule enombono wokuthi uzoba uweta. Kodwa wagcina eqashelwe ukulayisha nokwehlisa impahla emalolini.

Wayengunozinti kumaligi aphansi e-Kenya kanti uthando lwakhe lwebhola lwaqhubeka e-Qatar.

Wabona iqeqebana labasebenzi elalilambele ukudlala ibhola wabe esenquma ukubahlanganisa ukuze bakhe iqembu lendawo. Manje iqembu labadlali abangu-30 liziqeqesha ebusuku ezinsukwini eziyisithupha zesonto.

“Sicabanga ukuthi sizokhula kanjani ngale kwale ndawo,” kusho u-Otiato.

“Lesi isiqalo nje.”

Leli qembu laqala ukudlala imidlalo yobungani namanye amaqembu abaphuma emazweni angaphandle laze langenela imiqhudelwano emibili yabasafufusa lafinyelela emaqenjini ahamba phambili angu-12 kowamanqamu komunye wayo.

Umdlali ngamunye ukhipha u-R250 ngenyanga ukuze iqembu liqhubeke nokudlala.

Ukaputeni we-Mazrouah, u-Omar ungumdlali wasesiswini osefomini enhle ebholeni.

Waya e-Qatar ngemuva kokwamukela umsebenzi wokuhlanza eklabini yegalofu.

“Ngiyathanda ukuhlanganisa abantu. Ubuholi into yami. Nginohlelo futhi ngiyazi ukuthi ngizoba umdlali okhokhelwayo ngelinye ilanga,” esho.

Kubo bonke ubunzima abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle ababubekezelela e-Qatar likhona ithemba – futhi lisenkundleni yebhola ewubhuqu eseduze nalapho abahlala khona.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: I-Mazrouah FC

Umthombo wesithombe: Mazrouah FC Twitter

Izihloko zakamuva