Abaphuma emazweni angaphandle bavinjelwa ukuthola usizo lokwelashwa

Owesifazane okhulelwe onamasonto angu-37 unqatshelwe ukunakekelwa esibhedlela i-Kalafong e-Tshwane ngoLwesine njengoba imibhikisho emelene nabaphuma emazweni angaphandle esibhedlela ivimbe iziguli ngenxa yokubukeka kwazo kanye nangendlela ezikhuluma ngayo ukuthi bengakutholi ukunakekelwa ngokwezempilo.

Lona wesifazane ophethwe i-high blood kudingeke ukuthi ayofuna usizo emtholampilo wendawo, ongahlelelwe ukwelapha izimo ezidinga uchwepheshe.

NgoLwesine i-Doctors without Borders (MSF) igxeke umbhikisho othathe amasonto amathathu ngaphandle kwesibhedlela obuhlelwe i-Operation Dudula futhi ifuna iziphathimandla zezempilo nabaholi “zithathe izinyathelo eziphuthumayo” ukuvikela ukufinyelela kwezempilo kubo bonke abantu.

I-MSF ixwayise ngokufaka ipolitiki ekunakekelweni kwezempilo ngemuva kwezinsuku uNgqongqoshe wezeMpilo e-Limpopo uDkt Phophi Ramathuba, ethethise isiguli sase-Zimbabwe esilele embhedeni nokuthi athi abaphuma emazweni angaphandle bathwese uhlelo lwezempilo kanzima. Lesi sihlava siye sasabalala kwasuka umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

Ababhikishi beDudula ngaphandle kwase-Kalafong bebelokhu becula izingoma ezisabisayo bememeza bevimba abaningi ukuthi bangene kulesi sikhungo, kusho i-MSF esitatimendeni.

NgoLwesine umphathi we-MSF e-Tshwane uSibusiso Ndlovu, uthe: “Namuhla ekuseni abantu abaningi bajikiswe ababhikishi ngenxa yokubukeka kwabo kanye nangendlela abakhuluma ngayo.

“Baze bafuna nokuthi iziguli ezigula kakhulu eziphuma emazweni angaphandle ‘zikhishwe emishinini’ futhi zixoshwe esibhedlela,” esho.

Usihlalo we-Operation Dudula e-Atteridgeville uPuleng Tau ucashunwe ethi lesi kuseyisiqalo nje semibhikisho kumasipala wase-Tshwane.

“Sikhathele abantu abaphuma emazweni angaphandle. Kumele bahambe bonke. Badla imishanguzo nezindawo zokulala ezibhedlela zikahulumeni, okuhloswe ngazo ukuhlinzeka abantu bakuleli futhi sithi “sekwanele,” kusho uTau.

Umphathi wemisebenzi yezokwelapha ye-MSF e-Tshwane uDkt Tasanya Chinsamy, uthe uma abaphuma emazweni angaphandle besabela izimpilo zabo uma bengena noma bephuma ezikhungweni zezempilo, nokuthi uma abasebenzi bezempilo befakwa ngaphansi kwengcindezi yokuziphatha njengababhekelele abaphuma emazweni angaphandle imiphumela izozwakala kubo bonke abantu.

“Okunye okukhathazayo okukhulu njengoba kwanda ezepolitiki kwezokunakekelwa kwezempilo ukuthi izifo ezibucayi zingase zingabhalwa phansi futhi zingalashwa kanti lokho kuzothikameza uhlelo lokunakekelwa kwezempilo lomphakathi kanye namandla okuqukatha ukuqubuka kwezifo ezithathelwanayo,” esho.

I-MSF ithe kuyakhula eGoli ukuthi abaphuma emazweni angaphandle benqatshelwa ukuthola usizo ngabasebenzi bezempilo.

I-MSF ithe isiqophe amacala amaningana lapho abaphuma emazweni angaphandle abanelungelo elisemthethweni lokufinyelela kwezempilo abanqatshelwa ukunakekelwa. Eziningi zalezi zimo zibandakanya ukwelashwa kukamama nengane, okuqinisekisiwe ngaphansi komthethosisekelo wakuleli nangemithetho eyahlukene kanye nezinqubomgomo zokunakekelwa kwezempilo.

Izihloko zakamuva