Abaphila nebala elimhlophe basabela impilo yabo

Dalphine Tagwireyi

Njalo ngonyaka umhlaba ugubha uSuku lwabaphila nebala elimhlophe I-International Albinism Awareness. 

Kodwa unyaka wonke umndeni waseMpumalanga usabela impilo yendodakazi yawo encane ephila nebala elimhlophe.

Kube nemizamo eminingi ebhuntshile yokuthunjwa kukaThandokuhle Mkhonza (3) ekhaya lakubo e-Barberton.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa umamncane kaThandokuhle, uBhelina Nkonyane (32), uthe bahlala ngokwesaba uma ilanga lishona.

UBhelina uthe ngoMfumfu ngo-2020  bavuswa ukukhala okwesabekayo okuphuma egumbini likadadewabo elingaphandle lapho ayelele khona nengane.

Umnyango wegumbi wawubhodlozwe yilaba abasolwa ngokuthumba ngesikhathi bezama ukungena.

“Sabathuthele endlini enkulu egumbini lami lokulala saphushela osofa nombhede emnyango. Amadoda amathathu acekela phansi umnyango omkhulu ashaya ubaba ekhanda ngensimbi. Baye babaleka ngemuva kokuthi ngikhale ngicele usizo,” esho.

UBhelina uthe bashayela amaphoyisa nosonhlalakahle ucingo kanti babacebisa ngokuthi kumele basuse ingane lapho abahlala khona noma baqinise ezokuphepha.

“Okubuhlungu ukuthi ubaba wethu washona ngoMasingana nyakenye kwathi ngemuva kwenyanga eshonile saphinde sahlaselwa ngamadoda ayememeza ethi silethe uThando kuwo. Ngenhlanhla amalungu omphakathi eza azosisiza,” usho kanje.

“Saphoqeleka ukuthi sitholele uThando enye indawo yokuhlala. Sacela isalukazi endaweni esasihlala namadodana aso amadala ukuthi basisize. Kodwa-ke ngeshwa ekupheleni kuka-2021 kwadingeka ukuthi silande uThando ngoba isalukazi sasigula.”

Umzamo wakamuva wokuthunjwa kukaThando wenzeke ngoMbasa. Umndeni usuqinise ezokuphepha, kodwa awusenawo umuntu wesilisa ongawuvikela.

“Abantu badinga ukuqwashiswa ukuthi abantu abaphila nebala elimhlophe abanawo amandla athile. Bangabantu njengawo wonke umuntu,” esho.

UMnu Sibusiso Mthembu, onguSihlalo we-Mpumalanga Albinism Association, uthe abantu abaphila nebala elimhlophe bayathunjwa, babulawe baphinde bacuywe ngenxa yenkolelo yokuthi izitho zabo zomzimba ziletha inhlanhla.

“Izingane zethu aziphephile ezikoleni kanye nasemiphakathini esihlala kuyo ngoba abantu basibheka njengezintelezi zenhlanhla, ngakho njengenhlangano sisungule umphakathi ophephile ukuze sizivikele kubantu abanolwazi olungelona iqiniso ngabantu abaphila nebala elimhlophe.”

Izihloko zakamuva