Abaphathi bebhola lombhoxo kumele benze izinguquko ngokushesha 

Kubukeka kuyinto enhle ukungakhonondi kwabadlali bebhola lombhoxo, kodwa lesi akusona isizathu sokungabakhathaleli, kubhala uLucky Maree.

Ongumpetha uMoaner van Heerden kuthiwa washo isisho esithi “abafana bezinkomo abakhali” esho ebholeni lombhoxo ngemuva kokuba abuzwe ngesigameko sasenkundleni eminyakeni engamashumi amane edlule, kodwa lokho kwakungaphambi kokuba bachithe amahora angu-20 bethola amaphuzu angemahle.

Le kube impelasonto emnyama kubantu bakuleli e-Europe.

Imizuzu engu-15 yokugcina yomdlalo wama-Sharks ne-Toulouse izokwaziwa njengeminye yemidlalo emibi kakhulu emlandweni waleli qembu laseThekwini.

UJames we-Planet Rugby nakuba ekubonile ukukhathala kwama-Sharks uma ekhuluma ngawo uphinde waveza ukuthi “babekezelele uhambo lwamahora angu-24 kwindiza ye-economy, nokuqede amandla abo emzamweni kwikota lokugcina lomdlalo wombhoxi.” 

Iqiniso lithi ama-Sharks abekhathele.

Ama-Stormers enze okufanayo njengama-Sharks. Ahlulwa ngo 42-17 i-Exeter Chiefs emdlalweni ebingasoze yawunqoba.

Ukubona uSteven Kitshoff ehlezi edangele esihlalweni, ehefuzela eduze kwenkundla kungenye yezinto ezidabukisa kakhulu kule sizini.

Ama-Lions ahlulwe ngo-31-21 ama-Glasgow Warriors emdlalweni wawo we-European Professional Club Rugby lapho womabili amaqembu eshaye ama-try amathathu, kodwa bebengeke bakwazi ukunqoba. Ekhaya ama-Cheetahs abhaxabule iqembu lama-Lions ebelingenawo amandla ngenxa yokuthi abadlali babo bakhathazwe ama-Warriors e-Scotland.

Umqeqeshi wama-Stormers, uJohn Dobson ukhulume ngakho konke okwenzeke kumaqembu akuleli phesheya kwezilwandle.

“Ngivele ngezwa ukuthi sidonsa kanzima kusukela ngomzuzu wokuqala. Besidlala ngendlela ephansi kakhulu,” kusho umqeqeshi uDobbo.

Kunesisho sakudala mayelana nezimpi zama-bar esihamba kanje: “Besibabili bona bengu-15 yini ebizokwenzeka lapho? Ingakho besishayile.”

Kumele kwaziwe ukuthi abadlali bebhola lombhoxo bakuleli angeke badlale umdlalo oseqopheleni eliphezulu uma behamba isikhathi eside ukuya kwamanye amazwe.

Kuzofanele abaqondisi bebhola bombhoxo bakuleli bahlanganise imali bese benza isu lokunakekela abadlali babo. Awukwazi ukushova abadlali kwindiza encane bese ulindela ukuthi bazofika bengakhathele lapho beya khona.”

Ngenhlanhla elakuleli njengoba bezobe bese-Afrika, ukuhamba ibanga elide ngeke kube umthelela omumbi ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ngoMandulo njengoba bonke abadlali bama qembu bezobe bese-France isikhathi eside.

Kodwa esikhathini esiyizinsuku ezingu-21 ngoNtulikazi, ama-Boks azodlala ne-Australia ePitoli, adlulele e-New Zealand ukuyodlala ne-All Blacks aphinde abuye ukuzodlala ne-Argentina eGoli.

Ngakho-ke, ukukhathala kwezokuvakasha nakho kuzoba yimbangela abaqeqeshi bamaBhokobhoko abazobhekana nayo.

Ngakho-ke, abaqondisi uJohn Dobson, uNeil Powell, uRudolf Straeuli kanye no-Erasmus noNienaber, kuzofanele bathole amafutha abazowagcoba emabhodleleni amancane azosiza abadlali ukuze bazinakekele.

Futhi lesi akusona isixazululo sesikhashana. Kumele kuhlangane imiqondo ephusile ukuze kuphume isixazululo salolu daba kanti lokhu kungasiza kakhulu abadlali bakuleli bebhola lomboxo.

Isithombe esingenhla: Ama-Sharks ebhekene ne-Toulouse

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva